UMA abanye bengagudluki endleleni yabo, banenkani;

Uma kunguwe, ukuma kulokho okholwa yikho.

UMA kukhona ongamthandi umngani wakho, uyabandlulula;

Uma wena ungamthandi owakhe, ungumuntu okwaziyo ukubona ubunjalo babantu.

UMA abanye bezama ukuphatha abanye kahle ngokukhethekile, bangamaxoki;

Uma wena wenza lokho, ungumuntu ocabangelanayo.

UMA umuntu ethatha isikhathi eside ukwenza into ethile kahle, uyivila;

Uma kunguwe onjalo, uthi ukwenzisisa kanye nokucabangisisa.

UMA omunye esebenzise imali eningi, uyamosha;

Uma kunguwe, uyaphana.

UMA omunye ebona umonakalo ezintweni zonke, uyashesha ukucasuka futhi uyagxeka; uma kunguwe, uyanakisisa.

UMA omunye ecabanga indlela engcono yokwenza into ethile, uyaziphakamisa; uma kunguwe, unomqondo ohlakaniphile wokuqhamuka nezinto.

UMA omunye ehlezi eveza umbono wakhe, uyaphazamisa; uma kunguwe, unomqondo ophusile

UMA omunye eziba ukungaphathwa kahle, uthi ulula;

Uma kunguwe, unomusa.

UMA omunye egqoka kahle ngokukhethekile, lowo muntu uthanda izinto ezibizayo; uma kunguwe, yingoba uyazazi izinto zokugqoka.

UMA umuntu ongamazi esho into ayicabangayo, uluhlaza;

Uma kunguwe, yingoba uyatshelana amaqiniso.

UMA umngani wakho ethatha isinqumo esibucayi kwezamabhizinisi, uyisilima; uma kunguwe, ungumuntu ohlela kahle izinto.

Kuthathelwe kuPaul Lee Tan, Encyclopedia of 7700 Illustrations #5498

Ukuzibona ungcono ngalendlela akumele kube yingxenye yempilo yethu njengaMakrestu.

  • Ukuzicabanga ungcono ngaphezu kwabanye kuphambene nokuba yisidalwa esisha (2 Khorinte 5:15,17)
  • Ukubeka abanye phambili kumele kube nezenzo ezihambisana nalokho (1Johane 3:17-18)
  • Into ingaba ngelungile, kodwa uma ukulunga kuvela ngomona lokho akusiyo indlela yokwenza, ukwakha abanye yikho ekumele sikuhambise phambili (1 khorinte 10:23-24)
  • Amalungu omzimba owodwa ayasebenzisana ngenxa yomzimba, awazisebenzeli ngalodwa (Roma 12:4-5)
  • Ukuzibona ungcono ngaphezu kwabanye kanye nothando akuhambelani (1 Khorinte 13:5)
  • Ukuzibona ungcono akuvezi ngokusobala ukuhlakanipha Kwaphezulu (ekaJakobe 3:13-16)
  • Isibonelo sikaPawuli ebeka IVangeli phambili kunokuzibeka yena ( 1 Khorinte 9:22-23; 1 Khorinte 10:33)
  • Bheka impilo yakho kusukela kukho ukuphenduka njengoku “bophezeleka” kwabanye, kungabi njenge “Lungelo” elingawe (Roma 15:1)
  • UJesu wayengazibeki yena phambili kunabanye (Roma 15:3)

Ngakube izinga wonke umuntu okufanele ahambe ngalo uwena, noma uyayibulala yonke indlela yokuziveza ungcono kunabanye?