UNkulunkulu, Obusayo phezu komhlaba wonke, futhi unguNkulunkulu Onathi ngamunye ngamunye. Kuzona zonke izethembiso ezikuwo UMbhalo, okuyiyona induduzo elokhu imphindaphindwa njalo kuzona ukuthi UNkulunkulu Unathi. UNkulunkulu akasoze asiyekela.
Funda amavesi alandelayo nezindatshana ezihambelana nawo ukuthola induduzo yobukhona bukaNkulunkulu ngokoQobolwakhe
UNkulunkulu Unathi lapho impilo isicindezela sizizwa singenamuntu (IEksodusi 33:14).
UNkulunkulu Unathi lapho ikusasa libukeka lithusa sekudingeka isibindi (IDutheronomi 31:6).
UNkulunkulu Unathi lapho sesonile sidinga ukuhawukelwa (IDutheronomi 4:31).
UNkulunkulu Unathi lapho ukuMlalela kubukeka kushayisa novalo ( Joshuwa 1:5).
UNkulunkulu Unathi lapho sidinga ukwenza okufanelekile okuqondene nokumkhonza ngokweqiniso (1 IZikhronike 28:20).
UNkulunkulu Unathi kuhambo lokukholwa lwansuku zonke (1 Amakhosi 8:57-58).
UNkulunkulu Unathi lapho silusizi sizungezwe ububu nezimpi (IZaya 41:13).
UNkulunkulu Unathi lapho sinesidingo esikhulu singazi nokuthi ngokwezezimali sizophunyula kanjani (kumaHebheru 13:5).
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
KwabaseRoma 8:31