Ziyindathane izihloko kwinkolo nempilo yobuKrestu ezivusa ukulangazelela ukwazi ngaphezulu kwalokho isambulo esigcine ngakho. Izingelosi namadimoni, uMelkhizedeki, amaphupho nemibono, eminye yemibhalo yababhali beBhayibheli engekho kulo iBhayibheli, izinto uJesu ayezenza ebuntwaneni Bakhe, nokunye okuningi okufuze lokhu konke kuyimibuzo iBhayibheli elisinikezelayo okuthize ngakho, kodwa akwanele ukugculisa ukulangazelela kwethu ukwazi.
Kulapha ke la isisho esifushane sinosizo olukhulu. Yenza umsebenzi kaNkulunkulu, ngendlela kaNkulunkulu, ngokugcizelela kukaNkulunkulu. Ingxenye yesithathu yalesisisho iyafaneleka kakhulu lapho ufisa okungaphezulu kwalokho iBhayibheli elikushoyo. Yakha ukukholelwa ngokuqinisekile kwakho kube ngokwesambulo seBhayibheli. Funda iBhayibheli ngokuzimisela okukhulu ukuze ungezu kushaya indiva izimpendulo zikaNkulunkulu ezimaqondana nazo zonke izinto zempilo, kodwa ungafuni okungaphezulu kwalokho iBhayibheli elikufundisayo.
Thatha njengesibonelo isihloko ngezingelosi namadimoni. Asikwazi ukuziba ubukhona kwalezi zidalwa nokuba kwazo ingxenye yezimpilo zabantu, ngoba uMbhalo ufundisa ngokucacile ukuthi zikhona nokuthi ziyasebenza kwizinto ezenzakalayo emhlabeni. Kodwa, nomakunjalo, uMbhalo awusifundisi ukuthi ziba kanjani yingxenye kwizigameko ezenzekayo njengamanje. Kukhona izifundo ezihambelana nolwazi olunikezelwa iBhayibheli ezingathathiselwa kulo. Ezinye izifundo ziqukethe kakhulu ulwazi oluthathelwa ngaphandle kweBhayibheli lezonke zidinga ukuchithwa ekutheni ziyiqiniso elaziwayo.
Kuzona zonke izinto ezikanje, nansi imigomo emibili, yomibili ikhuthaza ukwazi lokho okwazekayo, nokugwema lokho okuwumcabango nje.
Yazisa iQiniso ngaphezulu kwalokho okuhambelana nemizwa (kwabaseKholose 2:18-19). Ngenxa nje yokuthi into yinhle futhi ibukeka ineqiniso elingokweBhayibheli, akuchazi ukuthi lokho kuyiqiniso. IQiniso selambuliwe, ngakho nakisisa kakhulu izimfundiso ezinhle, ngisho nezihambelana nemizwa, eziyiQiniso impela.
Nika yonke into ukugcizelela lokho uMbhalo okunikezelayo ngaleyonto ( kwabaseKholose 2:16-17). Kholwa futhi uphakamise ngokucacile lokho okwambuliwe ngokucacile kuwo uMbhalo. Ukuqiniseka nokuthokoza kwethu akube kulokho okwambuliwe ngokucacile, ayi nje ko “kungenzaka kucishe kube yiqiniso”. uNkulunkulu wambulile ngokucacile lokho esifanelwe ukukwazi, wabe esefihla ukuba singakwazi lokho okungesikho okwethu ukuba sikwazi.(Dutheronomi 29:29)