How Should I Pray about What Is Going on in the World?
Ngesikhathi sikhuleka, lapho siyabona impela ukuthi yini eqinisweni esezinhlizweno zethu. Isikhathi esiningi emkhulekweni siyahluleka ngoba asiboni kuphuthuma kunesidingo futhi asizweli kwizinkinga sakulomhlaba. Kodwa ngokuvamile siyahluleka emkhulekweni, hhayi ngoba sishoda ngemthwalo ezinhlizweni zethu noma ngezinkinga kulomhlaba, kodwa ngenxa yamagama okudalula izinhliziyo zethu ezixakekile. Kwesinye isikhathi kubonakala engathi izinhliziyo zethu zikhungethwe ukukhathazeka nokukhathazeka ngokudlulele nokwesaba ngangokuthi asazi nokuthi singaqala kuphi ukuthulula izinhliziyo zethu kuNkulunkulu.
Umbhali weHubo 119 seziningi izinkinga abhekana nazo empilweni futhi usinikezile kwesinye samastanza umkhuleko ukuhola izinhliziyo zethu emkhulekweni.
Ihubo 119:17-24 umkhuleko wempilo enhle khona isimo somhlaba zikanje.
Intshiseko yokuqala kulomkhuleko intshiseko yokuba ngubufakazi bokulalela ngokuthobeka kulokhu kuphila.
Yenzele okuhle inceku yakho,ukuze ngiphile,ngigcine izwi lakho.
IHubo119:17
Intshiseko yesibili yenhliziyo kulomkhuleko intshiseko yokubonisisa ngeqiniso Imibhalo. Hhayi indlela ehlanganiswe kahle yokusebenzisa Umbhalo ukuthola lokho okuzhumaba nempilo yakho nezimo zakho, kodwa intshiseko yokubona ukuthi yikuphi uNkulunkulu anqumile ukusitshela nokuthi yikuphi uNkulunkulu akusingayo kithina.
Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso
ezisemthethweni wakho.Ngingumfokazi emhlabeni, ungangifihleli imiyalo yakho!
IHubo119:18-19
Intshiseko yesithathu kulomkhuleko yintshiseko yothando oluyisenzo lweBhayibheli. Lena yintshiseko, hhayi nje yokwazi iBhayibheli kahle, kodwa ukuphila njengokusho kwalo futhi. Isizathu salokhu yingoba siyazi ukuthi labo abalalela ngokuthobeka bazoba nempilo enhle kakhulu kuwo lomhlaba oqalekiswe ngesono, nokuthi labo abangalaleli ngokuthobeka bazobhekana nokwahlulela kukaNkulunkulu.
Umphefumulo wami waphukile,ngokuba ngihlala ngilangazelela
izehlulelo zakho. Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.
IHubo119:20-21
Intshiseko yesine yesine yenhliziyo kulomkhleko yintshiseko ukuphothula impilo kungekho ukuzisola. Nesikhathi lapho konke sekuphelile, ungeke yini wathanda ukube usamile uqinile Enkosini ngoba iZwi Layo ligcwalisile umqondo wakho ngaphezu kokuba lomhlaba wenzile?
Susa kimi inhlamba nokweyiswa, ngokuba ngibugcinile ubufakazi bakho.
Noma izikhulu zihlala zikhuluma ngami;inceku yakho izindla ngezimiso zakho.
IHubo119:22-23
Intshiseko yesihlanu yenhliziyo kulomkhuleko yintshiseko yokuhamba ngokuhlakanipha, ukwelulekwa, nokuqonda okujulile kweMibhalo. Lokhu eqinisweni kuyimpendulo futhi yezicelo ezidlulile.
Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumeluleki wami.
IHubo119:24
Lomhlaba awusikho lokho owawudelalwe ukuthi ube yikona. Lomhlaba uyabubula ngenxa yomthelela yemiphumela yesono kuleminyaka engaphezulu kwezinkulungwane. Thina njengaMakhrestu, yize sihlengwe ngegazi leNkosi uJesu, siyabubula ngezinkathazo zalempilo. Ngakho siyakuzwa ukuba khona kwesidingo esikhulu sokucela uNkulunkulu ukuqonda okujulile, ukubona indlela, nenduduzo. Ngakho-ke siyakhuleka, siqaphe imikhuleko yethu ngezinto okuyizona ezinqala: ukulalela ngokuthobeka, ukuqonda okujulile Imibhalo, ukubambelela eZwini likaNkulunkulu okuyisenzo, ukungabi nokuzisola ngokomoya, kanye nobumnandi bokuqapheliswa esikuthola eMibhalweni. Bese-ke siphetha ngo “Amen”, bese sesisukuma nokuzethemba okwenziwe kwaba kusha bokuphila eMhlabeni kaNkulunkulu ngeZwi likaNkulunkulu.
Ekuhambeni kwesikhathi, lapho siphinde sezwa kusisinda konke futhi, siyaphinda sikhulekele ukulalela ngokuthobeka, injulo yeMibhalo, uthando lokuhamba ngokweZwi likaNkulunkulu, ukungabi nokuzisola, nokwelulekwa ngokweBhayibheli. Silokhu senza kanjalo nje kuze kubuye iNkosi!
*Lesistanza seHubo 119 sesike sashumayelwa kwelethu isonto. Intshumayelo namanothi kutholakala lapha, konke kungesingisi:God has a wonderful prayer for your life