I can do all things through Christ who strengthens me

Incwadi kwabaseFiliphi 4:13 ivamile ukushiwo yilabo abazibiza ngaMakhrestu, kodwa ngokunganaki lokho okwakuhloswe nguNkulunkulu ngalomusho oseZwini Lakhe.

Uvesi 13 yiwona okkhunjulwayo kwindatshana kavesi 10-20. Uvesi 13 ngokulula nje ukhuluma ngokuqinisekisa kukaPawuli ukuthi angakwazi ukuba aneliseke ngaphansi kwazo zonke izimo, ezinhle noma ezimbi, ngenxa yokuthi uJesu umenzile ukuba akwazi ukweneliseka. Isithombe esiphelele wukuthi uKhristu uyakhaziumuliswa lapho Yena ebhekelela izidingo zikaPawuli ngebandla laseFiliphi, noma lapho ebhekelela kwizidingo zebandla laseFiliphi ngandlela thize, noma ebhekelela ngesifundo sokwaneliseka esikhundleni sokubhekelela ngokuthize okuphathekayo kwisidingo sabo.

Ngevesi eliyigugu futhi elikhumbulekayo njengabakwaseFiliphi 4:13, sobe senza kahle uma silisebenzisa njalo. Nansi indlela yesimanje ethi ayilingane nalokho okwenza uPawuli akhulume lokhu akusho kulelivesi.

“Umnotho uyawa, umsebenzi uyacikizela, ifoni yami intshontshiwe, ingane yami ebingakazalwa ishonile, imoto yami ishayisiwe, impilo yami intekenteke, (v12)…kodwa ngingathemba uNkulunkulu ngokwanelisekile bese ngiqhubeka ngenze lokho okulungile ngenhloso enobunkulunkulu (v11), ngoba uKhristu uyangiqinisa mina (v13) ngezindlela umhlaba ongazi ngazo, futhi uKhristu uzokhazinyuliswa kubufakazi bami (v20) kangangoba kuzoba kanjalo uma masinyane kuguqulwa yonke into ibe yisibusiso esinothile (v19). Ngakho angibhekile umphumela omuhle noma ukukhululeka, kodwa ngibheke ukukhula ngokukamoya (v17). Futhi ngalowomqondo, lapho uyisibusiso kimina, ngizosibona isihle sakho bese ngigcwale kakhulu ukubonga (vv10 & 14).”

Ngingakwenza konke ngoKhristu ongiqinisayo