Protected by Psalm 91
Usathane wasebenzisa IHubo 91 ukulinga uJesu ukuthi alindele ukuthi uNkulunkulu amsindise ekufeni ngendlela emangalisayo. Abaningi balandele indlela kaSathane yokusebenzisa leliHubo ukulinga uNkulunkulu ngokwemisebenzi yamandla ukuba asivikile singangeni kwizingqinamba esikhundleni sokuthi bambelele kwinjongo Yakhe ngathi ephelele evamile ukuba ifake phakathi nezingqinamba.
IHubo 91 liqinisekisa ukuthi uNkulunkulu impela unawo amandla okugcina ngemisebenzi yamandla abathandiweyo Bakhe ebungozini. Uma ulibheka leliHubo, akunzima ukuthi ucabange abanye balabo ababethintwa ngezinye zezinto elikhuluma ngazo. INKosi uDavide wasindiswa kwizithiya ezazibekelwe yena nguSawule. Umprofethi uDaniyeli wasindiswa kumabhubesi ayelambili. UMphostoli uPawuli wagcinwa ephephile kwinyoko eyayinobutha. Impela uNkulunkulu uyingcweti ekuvikeleni Abakhe ngisho nalapho kudingeka akwenze lokho ngesimangaliso.
Yize noma iHubo 91 limiselwe isithunzi sikaNkulunkulu sokuhlenga ngokumangalisayo ezinkingeni, isethembiso iHubo 91 eliphetha ngaso yisethembiso sokuhlengwa kwabobonke abakholwayo, ngisho kungabanga ngezindlela ezingumangaliso. Uma umazi uSIMAKADE, futhi uma umethemba uNkulunkulu Ophezu Kwezinto Zonke, ungaba nesiqiniseko ngokunakekela kwakhe ngokuvikela wena ngisho ukuhlengwa kungangaba ngendlela engumangaliso abanye abahlengwe ngayoo. Njalo uNkulunkulu uyayizwa imithandazo yethu futhi njalo ukukholwa Kuye ukugcina kunamathele. IHubo 91 aliyona indlela yokuthenga uMninimandla Onke ukukwenzala imiphumela efunwa nguwena, kodwa ngokweqiniso yiHubo lokuPhepha.
Ngezansi kunelinki yestadi sokulekelela esakho istadi saleliHubo elihle kangaka ngoNkulunkulu njengomvikeli wethu. Kwangathi Izwi likaNkulunkulu lingaba yinduduzo ekuthembeni kwakho uNkulunkulu ngempilo yakho kwizimo zonke obhekana nazo.
