Ngokukholwa Siyasebenza

By Faith We Work

Kwinkulumo mpikiswano phakathi kwezimo zikamoya zeqiniso nezamanga, umehluko phakathi kokukholwa kanye nemisebenzi ubaluleke kakhulu. UNkulunkulu uthi insindiso ayikho ngemisebenzi, kodwa ngokukholwa, bese, lapho ukukholwa kweqiniso sekunikezelwe, yilapho kuzoba khona imisebenzi eminingi. Kungakho imiBhalo iyakulahla ukuncika kwimisebenzi ukuze ulungisiswe, kodwa iphinde ibeke ngokuqinile ukuthi ukulungisiswa kufakazeleka ngemisebenzi.

Incwadi kumaHebheru 11, isahluko esihle kakhulu ekukhulumeni ngokukholwa, kodwa futhi yisahluko esihle kakhulu esikhuluma ngemisebenzi.

Iqala kumaHebheru 11:1 ngencazelo yokukholwa ebalula ukholo hhayi imisebenzi.

KumaHebheru 11:2 iyaqhubeka nokubeka ukuthi ukholo yilo olwenza abantu bamukeleke kuNkulunkulu.

KumaHebheru 11:3 kunikezelwe isibonelo esihle sokukholwa ukuthi wukukholelwa kulokho okuqoshwe phansi kuka Nkulunkulu okumayelana noKudalwa okungekho umuntu owakubona noma owaba yingxenye yakho, noma kunjalo siyazi ukuthi kuyiqiniso. Ukukholwa kuyakukholwa lokho uNkulunkulu akushilo, kunjalo nje.

Kodwa-ke, kusuka kumaHebheru 11:4 kunikezelwa uhlu oluthi “ngokukholwa wasebenza”. Imisebenzi emikhulu eyaphumeleliswa yilabo ababenokukholwa.

Ngakube lokho akulona yini iqiniso ngami nangawe? Sikholwa kuNkulunkulu ngokukholwa, okungenayo imisebenzi. Kodwa imisebenzi yethu impela iwubufakazi bokholo lwethu kuNkulunkulu ngaphezu kokuba iwubufakazi bokwenza kahle kwethu.

Ngokukholwa siyasebenza. Ngakube ukukholwa kwakho kuzokwenzani namhlanje? Ngakube uzokhonza ngendlela okuyiyona njengoAbela? Ngakube uzothokozisa uNkulunkulu njengoEnokhi? Ngakube usomesaba uNkulunkulu ngaphezulu kwalakho okwenziwa amadoda afana noNowa? Ngakube uzolalela ngoba uNkulunkulu usho njalo, njengoAbhrahama? Ngakube uzokholelwa kwizithembiso zikaNkulunkulu njengoSarah? Ngakube uzoma uqine kwizivivinyo zokholo njengoAbhrahama ehamba noIsaka? Ngakube uzokwenza izinhlelo zakho zekusasa lasemhlabeni zihambelane nekusasa lesisikhathi esilandela impilo yasemhlabeni njengoJosefa? Ngakube uzobathanda abantu bakaNkulunkulu ngaphezu kokuphepha njengoMose?

Kuningi okunye okuqoshiwe kumaHebheru 11. Ngakube ukhokholwa kwakho kuzosebenza namhlanje?

Scroll to Top