Ningalingisi leLizwe

Do Not Be Conformed to This World

Impilo yoBukhrestu injengokuhamba entanjeni phezu kwezono ezinganakiwe nemikhuba emibi yasemhlabeni ngakolunye uhlangothi, ngakolunye uhlangothi bese kuba ukwahlulela okungalungile nemithetho yezinkolo zamanga. Njengomuntu ohamba phezu kwentambo, ukuzethemba kwethu kuqinile, futhi asinalo uvalo, kodwa ukuwela nakunoma yiluphi uhlangothi kungaba yisibhicongo. Nakuba uhlangothi lwezono nemikhuba emibi yezwe lubonakala lulubi kakhulu kunemithetho yezinkolo zamanga, zombili zingabizwa ngokuthi “ukuthanda izwe” noma “ukuhambisana nezwe,” ngoba zombili zihambisana namatrend, ukuziphatha, kanye nemikhuba yezwe elingenaye uKhristu.

Kungakho incwadi kwabaseRoma 12:2 uNkulunkulu unikezela umthetho: “Ningalingisi leli lizwe”. Umyalelo okanje awumangazi kulabo abalokhu bedela ukungalungi kanye nezinkanuko zezwe (Thithu 2:12). Okumangazayo ngabaseRoma 12:2 ukuthi indlela yokungaweli kuyona imikhuba yalelizwe akusikona nje ukungenzi okungalungile, kodwa ngokuthi ulokhu uqhubeka ukwenza lokho okulungile. Incwadi kwabaseRoma 12:2 abaqhubeki nokufaka ohlwini uhhide lwezono zezwe nemikhuba yokukhonza izithombe, kunalokho lencwadi ithi:

kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.

KwabaseRoma 12:2

Inhloso yalowo ohamba entanjeni akusikona nje ukungaweli kolunye lwalezinhlangothi zombili. Kunalokho inhloso wukuhlala ekuyona lentambo. Ngokusebenzisa umqondo omuhle wokwehlukanisa izinto ophathelene nengcindezi evela ekuvunguzeni komoya, ukwehlukahluka kwesimo sentambo okunganakekile, kanye nokuzabalaza kwakhe, lowo ohamba entanjeni angakwazi ukulokhu elungisa ukuhamba kwakhe ukukwazi ukuhlala esentanjeni. Akufanele asabe ukuwa inqobo nje uma ehlala esentanjeni.

Kunjalo nakuwe nakimi. Impilo yethu yoBukhrestu ayichazwa kakhulu ngokugwema izindlela zezwe, kodwa ichazwa ngokwenza intando kaNkulunkulu, okuyinto ehlale ilungile, eyamukelekayo phambi kukaNkulunkulu, futhi ephelele engenakusoleka ngalutho.

Scroll to Top