Lawa ngamazwi akhuthazaya akhulunywa ngabantu begqugquzela ukuthembeka kubantu. Kanti impela ukukhuluma iqiniso kuyawehlisa umthwalo nakunembeza, uma wonile noma woniwe. Kuyinto nabazali abayikhuthazayo nakubantwana ukuba bayenze, ukuyeka amanga kodwa bakhulume iqiniso. Ukulikhuluma iqiniso akuhlezi kunesiphetho esihle, kodwa khona kunjalo limelwe likhulunywe. Kodwa empeleni lamazwi “iqiniso liyakunikhuluma…” noma asaba yisisho kwabaningi, angamazwi athathelwa emazwini alotshwe eBhayibhelini athi “niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” kwincwadi ngokukaJohane 8:32. Kodwa kukona konke okubaliwe ngenhla ngokukhuluma iqiniso akukho okuyincazelo okuyiyona yona yalokho okuqondiwe ngalamazwi.
Ukuwabhekisisa ngokomqondo walapho asuselwa khona siyabheka ukuthi ngubani owayekhuluma lamazwi, ewakhuluma kobani? Kube kwakwenzenjani?
“Esakhuluma lokho, abaniningi bakholwa kuye. Ngakho ke uJesu wakhuluma kubaJuda abase bekholwa kuye..…”
ngokukaJohane 8:30
Kunedlanzana labantu uJesu ayekhuluma kulo ngoqobo lwakhe. Ilelidlanzana elabeselikholwa kuye uJesu. Inkulumo yayingezindaba zevangeli kubantu ababe ngabenkolo abase bevuma ukuba bayakholwa nguJesu.
Ngenxa yokuvuma ukuba sebeyakholwa kuJesu, uJesu wabe eseqhubeka nenkulumo ukuba abanikezele ukuthi kusho ukuthini ukukholwa kuye…
“…..wathi: Uma nimi esifundisweni sami, ningabafundi bami uqobo, niyakuluza iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
ngokukaJohane 8:31
Nakhu okwakuzochaza isiqiniseko sokukholwa nokulandela uJesu., “Uma nimi esifundisweni sami..” ukubambelela kukona konke akufundisayo. Umphumela wokuthatha sonke isifundiso sikaJesu ume kuso nasi “…..niyakuluza iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
Ngakho lokhu kuyasicacisela ukuba iqiniso ekukhulunywa ngalo yilelo eliphathelene nokuba ngumlandeli kaJesu bese umvuzo walapho inkululeko. Futhi nayo lenkululeko akusiyo obanayo kunembeza ngemuva kokukhuluma iqiniso ngento ethile, noma obanayo ngenxa nje yokuthi ungumuntu oqotho. Kodwa lenkulululeko eza ngokuba ngumfundi kaJesu, kuhlale kuwe amazwi Akhe.
Ngakhoke ngesikhathi esilandelayo uma uzwa lamazwi ekhulunywa yazi ngokungokwakho futhi uqaphelise nalowo omunye owezwayo noma owakhulumayo ukuthi lamazwi awakhulumi nanoma ingaliphi iqiniso. Kodwa yilelo eliza kuphela ngokuba uqale ukholwe nguJesu bese uma emazwini Akhe.
Masimbonge uNkulunkulu ngokuthi thina esikholwayo, esihlala ngakho ukufunda iBhayibheli siphinde siphokophelele ekwenzeni elikushoyo, leliqiniso sesinalo kanye nenkululeko ehambisana nalo.