Decide to Give

Ukunikelela imali ukuba kwenziwe umsebenzi weNkosi yindlela engajwayelekile yokubekelela kwiphakade. Kuyawenza umqondo ukuthi izinto ezinjengemikhuleko, ukukhuthaza, ukukhonza ebandleni, nokukhonzana kwabazalwane kungezinye zezindlela eziphathekayo zokuzibekelela ingcebo ezulwini. Ukunikelela ngemali kuhlukile. Yinto ethanda ukuba ngeyasemhlabeni, ecishe ingabi ngekamoya, kodwa ngandlela thize inakho ukuba nokuzibekelela kwingunaphakade. Lokhu akusilo nje iphuzu lendatshana yesisebenzi ( Luke 16:1-13 ne-sermon ehambisana nawo), kodwa imiyalelo nezibonelo ezibhekiswe kwibandla kwiTestamente Elisha nayo ikhuluma ngokunikelela imali njengesenzo soMbuso.

NjengaMakhrestu simelwe ukunikela ngemali yethu ukuba kwenziwe umsebenzi eMbusweni kaNkulunkulu, kodwa kumele senze kanjalo ngendlela ephusile. Simelwe ukunquma ngokucacile ukuba yiziphi izidingo ekumele zinekelelwe imali, umalini ekumele inikelwe, nokuthi yiluphi uhlobo labelusi noma izinhlangano ekumele luthenjwe ngeminikelo yethu yemali. Lezi yizinto ezibhalwe ngokucacile kwiMibhalo.

Okokuqala, nikelela isizathu okuyisona sona. Isidingo esisobala nesiqhubekayo ekumele wonke uMkhrestu anqume ukusinikelela ngokuvamile ukusekela ubuholi bebandla, kakhulukazi lowo ofundisayo. Amabandla amancane kungenzeka acishe akhone ukuholela umuntu oyedwa, kodwa lowo-ke kumele kube yilowo ofundisayo ( 1 Khorinte 9:13-14). Ngezikhathi ezithize, kunezidingo ezifika kanye ezimelwe zibe phezulu ohlwini lwezinto okumele Amakhrestu anikele imali yawo maqondana nazo. Kungenzeka kube yizidingo eziphathekayo zaMakhrestu ebandleni lakho ( IZenzo 4;34-35), noma ngisho izidingo zebandla elise ndaweni thizeni elingaphansi kwezimo ezinzima ezidinga imali ( 1 kwabaseKhorinte 16:1-3). Lezindawana zontathu zezidingo yizona ezivame ukubizwa abandla ngokuthi umholo womfundisi, umnikelo wedikoni, nomnikelo walowo otshala ibandla, ngokulandelana kwakho. Nquma ukuba ngonikela ngemali ngokuyinhloso kulezizidingo.

Okwesibili, nikela ngesamba okuyisona esilungile. Ngokungafani nomkhuba wezishumi, ukunikela koBukhrestu kuvame ukuchazwa ngokuhlukile njengomnikelo wesihle. ULevitikusi uhlinzekele umhlatshelo amakholwa afisa ukuyinikela ngokuvolontiya njengesenzo esengeziwe sokukhonza. UDutheronomi 16:16 wamisela amadoda ayeya phezulu ukuyoba noMgubho ukuthi angahambi elengise izandla, kodwa kubekhona umnikelo abawulethayo osemandleni abo, ngokuhambelana nesibusiso uNkulunkulu ambusise ngaso lowo. Kwincwadi 2 kwabaseKhorinte 8:3 isibonelo sabazalwane ukuba banikele ngokungangamandla awo. Umyalelo ocacile noqondile ophathelene nesamba esilungile ukuba sinikelwe sithathelwa ku 2 kwabaseKhorinte 9:7 esiyala ukuba umuntu anikele njengalokhu enqumilw enhliziyweni. Isamba ekumele sinikelwe akulona iphesenti elithize noma inani leRandi elithile. Kunalokho, amakholwa kumele abale kahle lokho iNkosi ebabusise ngakho, bese benikela ngokwesilinganiso esihambelana nalokho. Lapho abahlwempu bangaba sethubeni lokwamukela ebandleni kunokuba banikele, ngenkathi labo ababusisekile abanenginiso eliza njelo noma ababusiseke ngendlela emangalisayo banganquma ukwenza okweshumi noma okungaphezulu. Okuyikona okushiwoyo ukuthi nquma. Bala izibusiso, bese ubala ukunikela kwakho.

Okwesithathu, nikela ngendlela elungile. Amabili kumaphutha okunikela okuvamile kumele mawabalwe lapha. okokuqala, nikelela kubelusi abafanele. Nikelela kulabo abanedumela elihle kakhulu ngokukamoya, bona qobolwabo abangabanikelela umsebenzi woMbuso kaNKulunkulu. Ukunikelela ngemali yasemhlabeni yisenzo sikamoya sokukhonza uma inikelelwe kubuholi obuyisibonelo bebandla—labo abahlakaniphile ukudlula wena kwindlela abayisebenzisa ngayo imali, labo abashisekele ukudlula wena ukuphatha kahle imali kaNkulunkulu, nalabo abezwa isisindo sikamoya sezindlela ezahlukene zokuyaba ( 2 kwabaseKhorinte 8:16-24). Okwesibili, nikela njalo futhi unikele ngokunganqamuki. Ubuhlakani bokunikela ngokunganqamuki busobala. Ukunikela ngokunganqamuki kuphephisa onikelayo kwisilingo sokulutha imiqondo yalabo abaholayo ngokunikela kwakhe. Ukunikela ngokunganqamuki kususa ukumosha isikhathi ngemisebenzi eyengeziwe yobuholi othola ukuthi idinga ukuthi kuqongelelwe isikhwama, kuthunyelwe izikhumbuzo, bese kulindwa ukuthi kukhokhwe. Usheshisa umsebenzi weNkosi uma unikela ngokuqhubekayo futhi unikela ngokulindelekile.

Kungokunikela okuphusile, lapho uMkhrestu ngamunye efaka igxalaba lakhe kumsebenzi wokukhonza eMbusweni kaNkulunkulu, ohamba ibanga elide elifinyelela kude ukudlula ukunikela kwalowo onikelayo ngamunye.