Sonke senza izinqumo eziyinqwaba usuku nosuku. Okudabukisayo ukuthi bancane abakubonayo lokho, njengoba izinqumo eziningi ziyenziwa ngokuthatha ngokujwayela ngaphandle kokucabangisisa. Kuzona zonke izinqumo ozenzayo usuku nosuku, yilezo ezenziwe ngokunganaki okuyizona ekumele zigxekwe njengembangela yesiphithithi nokukhathazeka empilweni. Ngokujwayelekile sivame ukunakekela lezo eziphuthumayo, bese kunganakeki lokho okubalulekile.
Kusobala ngezindlela eziningi. Insizwa esencane izothatha umsebenzi wokuhamba amazwe ngamazwe oholela kahle futhi ngemali yomnotho onamandla bese ke esekhalela ukungabibikho kozinzo olwanele empilweni yakhe lokuthi ashade abe nomndeni. Labo abanengeniso elizinzile ingxenye enkulu kakhulu yalo bayisebenzisa kwizinto ezindinga ukukhokhelwa eziphuthumayo kunokulisebenzisa kwizinto ezidlala indima yokuqinisa nokhulisa umndeni wabo. Umfundi ushaya indiva ngisho nokuhlanganyela okubalulekile ekumakheni ukuba abe ngowesilisa noma owesifazane ongcwele ngenxa yokuphuthuma ukufundela izivivinyo ezibhalwa ngosuku olulandelayo.
Lokho okuphuthumayo kuvamile ukuhamba phambili kunalokho okubalulekile. Kwizingxabano ezibakhona kubudlelwano isidingo sokuzivikela sihamba phambili sicindezele isidingo sokukhombisa ukuzama ukuzwa lokho omunye afisa ukukusho. Isilingo sokufezekisa isidingo esisemizweni yisona esinakwayo besekuthi ukuzigcina kube yikho okuzitshwayo ngoba kubonakala ukuthi ngeke kukwenzele lutho ngaleso sikhathi. Uma izinto zikumemeza zifuna ukuthi uzinake kanye kanye, yileyo ekubonakala iphuthuma ethola ukunakwa kunaleyo okubonakala ibalulekile.
Izinto eziphuthamayo nezinto ezibalulekile- azisizona izitha, futhi zombili zizocatshangwa yilabo abanobuhlakani nobunkulunkulu, kodwa ngokunganaki sinquma ukubhekana nezinto eziphuthumayo sizibe lezo ezibalulekile.
Isinyathelo sokuqala ekukhuleni kulokhu akusikona ukufunda ukukwazi ukubeka izinto ngokohlu lobumqoka, ngaphezu kokuba sifunde ukuqaphelisisa izinqumo zethu. Noma kungathiwa zenziwe ngokunganakisisi, kodwa kusayizona izinqumo ezithathiwe- kubhekisise lokho. Bese, yithi ukufaka umcabangwana kwindlela yokwenza izinqumo zakho engenakho ukucabangisisa.
Nampu ubuhlakani walokho okubalulekile VS okuphuthumayo kwindlela yakho yokukhuluma.
Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula,
kepha imilomo yezikhohlakali
iphafuza izinto ezimbi.
IZaga 15:28
Kwincwadi yeZaga bunikezelwe kabili lobubuhlakani balokho okubalulekile VS okuphuthumayo bokuthi ungaphendula kanjani lapho kuvumbuka isilingo ( lapho izingane zilibele ukudaza inkani kunokuthi zilalele; lapho umsebenzi uvele ubemningi kunokuthi ubekelwe esinye isikhathi; lapho oshande naye emuncu kunokuba abe wusizo)
Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe,
kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe
IZaga 22:3 neZaga 27:12
Imicabango yakho, imiyalezo oyibhala efonini, amazwi kanye nezenzo konke kungasizakala ngokuthi usebenzise lomgomo wokubalulekile VS okuphuthumayo okuwukuthi lokho onquma ukukucabanga, ukuthay’phe, ukusho nokukwenza lapho kukhona okonile, okwenze kabi, noma okhulume into ongayishongo.
Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke.
KwabaseRoma 12:17
Ngakube uyaqhubeka ngaphandle kokufaka umcabango nalokho okuphuthumayo bese uyajeza ngenxa yakho, noma uyakhula bese njalo unquma ukuthi yikuphi okubalulekile?
Isibusiso esifihlakele esiza ngokukwazi ukwenza izinqumo ngendlela enenhloso kunaleyo enganakho ukucabangisisa, nasekusebenzeni ekubhekeni okubalulekile kunokuphuthumayo, wukuthi kugcina sekukuncane kakhulu okuphuthumayo. Isibonelo, umfundi lo onquma ukuya kwimihlangano yebandla ebalulekile, uzozithola esefunde ngokwanele kusenesikhathi eside ngaphambi kokuba kusondele usuku lokubhala othola ukuthi lulandela ubusuku be- homegroup. Umuntu ovuke ngesikhathi ngeke asihluphe ngezingane ezingadli zisheshe, ama-robot angasebenzi, noma ashadelwe naye osafuna ukuzixoxela.