Ubukrestu buyigxube yezinto ezisobala nezijulile. Iqiniso elisobala leVangeli lithi “Kholwa yiNkosi uJesu khona uyakusindiswa”( Izenzo 16:31), kodwa ukuzika okujulile kukaJesu njengenhlawulo yezono nakho kuyiqiniso leVangeli ( 1 ekaJohane 2:2). Lokhu kuyiqiniso nangokulalela ngokuthobeka. Imiyalelo yeNtshumayelo yaseNtabeni ibheka izinto eziningi zempilo yaMakrestu, kodwa futhi khona kunjalo uku-“phila kahle nabantu” nakho kuyomthokozisa uNkulunkulu.
Maphakathi nezinto zoBukrestu ezihlangahlangene ngendlela ehlaba umxhwele lezo ezigcwele kwincwadi kumaHebheru , sithola lomyalelo olula woku “phila kahle nabantu” uhambelana nesikhuthazo esimnandi futhi esilula.
Ningakhohlwa ukwenza okuhle nokwabelana, ngokuba uNkulunkulu uyathokoza ngeminikelo enjalo.
KumaHebheru 13:16
Uma kukhona umuntu okucikile, yenza kahle kuyena. Uma ukhathele, qhubeka wenze kahle. Uma unokuzithemba empilweni, yenza okuhle, hhayi okubi. Uma izinto zilula, yenza kahle. Uma kunzima, yenza kahle.
Uma ungakwazi ukulula isandla uhlangabeze isidingo esithile, lula isandla. Uma ungakhombisa isihe, yenza njalo. Yenza kahle koganene naye, yenza kahle ebantwaneni bakho, yenza kahle kumngani wakho omkhulu, yenza kahle kubantu abakwi group kaWhatsapp, yenza kahle kufacebook, yenza kahle kulomuntu okhuluma naye efonini, yenza kahle uma unganikela nge-R1000 noma ngokumoyizela.
Ukubalula kokulalela ngokuthobeka yilokhu: Phila kahle nabantu, ngoba uNkulunkulu uyakuthanda lokho.