Phinda uvakashele imuva lakho

Revisit your past

“Khumbula” nokuthi “ungakhohlwa” ngokuvamile amazwi aphindaphindwayo kwincwadi uDutheronomi futhi abalulekile kubafundi bawo.

Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga, ngakho-ke

IDutheronomi 15:15 

Umgomo othi “thanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena” yiwona umongo. Ngokubalulekile kakhulu, umgomo wokuthi “yenza kwabanye lokho uNkulunkulu akenzele kona wena” ubalulekile kwincwadi kaDutheronomi 15. Imuva labo njenganezigqila kumele lenze umsebenzi wokuba yisikhumbuzo sokuthi babengafanelwe kanjani, futhi basanjalo, ngamandla kaNkulunkulu okuhlenga akhonjiswa kubona ngezindlela ezimangalisayo. Futhi lesisikhumbuzo sasimelwe ukukhuthaza ubudlelwano babo bothando abanabo noNkulunkulu kanjalo nokukhombisa ngobufakazi uthando lwabo kubantu abakanye nabo.

“Khumbula izinsuku zasendulo, ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane; buza kuyihlo, uyakukulandisa, nezingwevu zizokutshela.

IDutheronomi 32:7

Isenzo sokukhumbula amandla kaNkulunkulu ezizweni zonke kwakumele kubenzi bathuthumele ngenxa yamandla Akhe futhi baphumule ngokulalela nangokuthula ezweni elabelwa bona ngesethembiso (v9)

Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo,

IDutheronomi 4:9

Ukungazigcini ngokuqikelela kwisizukulwane esisodwa kwakuzoba nomthelela ongemuhle kwizizukulwane ezilandelayo kuze kufike kulowo oyothatha umthetho kaSIMAKADE futhi akhumbuze isizukulwane esilandelayo ngemisebenzi kaSIMAKADE oyise babo abamubona futhi bazizwela bona ubukhona Bakhe.

Qaphela, funa ukhohlwe nguSimakade uNkulunkulu wakho ungayigcini imiyalo yakhe, izehlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.

IDutheronomi 8:11

Ukukhohlwa kuholela ekungalalelini ekubeni ukukhumbula kuholela ekulaleleni ngokuthobeka. Imithetho uMose ayeyishayela isizwe namhlanje yayingabalulekile kuphela namhlanje. Lokho okwakumisiwe njengomthetho namhlanje kwakumele kube nemiphumela esikhathini eside esilandela kulolusuku lwanamhlanje.

“Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uSimakade uNkulunkulu wakho ehlane. Benihlale nimhlubuka uSimakade kusukela osukwini owaphuma ngalo eGibhithe waze wafika kule ndawo.

IDutheronomi 9:7

Ngokungakhohlwa imuva labo lokuvukela ukubuswa, kodwa balikhumbule, abantu babeqhubeka babe nomqondo omuhle wezibusiso zabo. Laphoke izibusiso zabo ngeke zibe yisikhubekiso sokulahla uSIMAKADE bese bazithembe bona noma onkulunkulu bezizwe, kunalokho zizoba yisikhumbuzo sobuhle ababamukele kuvela kuSIMAKADE uNkulunkulu wabo ngesikhathi bona besa nokungathembeki. Umphumela laphoke wawuzoba ubudlelwano noSIMAKADE obuphawulwe wuthando nokwethembeka.

Yikuphi ukubaluleka okuwujikelele okuqondene nokukhumbula kanye nokuthi ungakhohlwa encwadini iDutheronomi?

Okokuqala, UmIsrayeli ngamunye kumele akhumbule imisebenzi kaSIMAKADE ukuze ezokwazi ukuyifundisa kwisizukulwane esilandelayo. Ukukhohlwa kwakuzobe kuyalimaza kusizukulwane sabo, kodwa futhi nakwesilandelayo.

Okwesibili, Ukukhumbula ngokuqhubekayo imithetho kaNkulunkulu nemisebenzi Yakhe kuyindlela abazolukhu beqhubeka ngayo bedlinza ngoNkulunkulu futhi begcwalisa imiqondo yabo ngeqiniso. Lokhu kuyingxenye yokuphila kubudlelwano bothando noSIMAKADE.

Okwesithathu, Ukugcizelelwa ngokuthi khumbula nokuthi ungakhohlwa yisikhumbuzo esizweni ukuthi ubudlelwano babo noSIMAKADE abachwazwa ngohlu lwezinto ekumele babezenze noma ekumele bangazenzi, kodwa kunalokho, ubudlelwano abanabo noSIMAKADE obuqondene nabo futhi busekelwe yizindaba bona noyise babo ababeyingxenye yazo qobolwabo.

Okwesine, ukuqhubeka ukhumbule nokuqhubeka ungakhohlwa kuwukhiye ngawo isizwe sizohlala zithembekile kuSIMAKADE kuzona zonke izizukulwane. Yiwona myalelo okuthi uma uke wagcinwa ngokuqaphela uzoqinisekisa ukuthi eminye imiyalelo iyaziwa, futhi iqondwa kahle nokuthi igcinwa ngokuthembekile.

Lokhu kusasithinta nathi njengamakholwa namhlanje. Engathi singeze sakhohlwa ukungafaneleki kwethu nokufaneleka kukaNkulunkulu!

Yize noma ukukhumbula kwami kufiphala,
Ngikhumbula izinto ezimbili ngokucacile kakhulu:
Mina ngiyisoni esikhulu nokuthi uKhristu unguMsindisi omkhulu

John Newton

Scroll to Top