UAndreya kwakungomunye wabafundi abayishuminambili bakaJesu. Waziwa kakhulu ngomfowabo owayevame ukuba novo, okunguPhethro. Wayegumdobi wezinhlanzi ekanye nabanye ababezalwa ndawonye, okwakungu Jakobe noJohane, ngaphambi kokuba bonke babizwe INkosi.
Izikhashana lapho uAndreya kuphathwa igama lakhe kwiZincwadi Ezikhuluma ngempilo kaJesu emhlabeni simthola eletha abantu kuJesu. UNkulunkulu wasebenzisa uJohane umbhabhadisi ukwethula uAndreya kuJesu, kodwa futhi uNkulunkulu wasebenzisa uAndreya njengethuluzi ukuletha uPhethro kuKrestu ( ngokukaJohane 1:40-42)
Ekuhambeni kweisikhathi, ngenkathi isixuku sasidinga ukudla, kwaba nguAndreya oletha umfana omncane owayenezinhlanzi ezimbili nezinkwa eziphelele ezinhlanu kuJesu (ngokukaJohane 6:8-9). uAndreya wayazi ukuthi ngeke kuze kwanele ukudla, kodwa noma kunjalo wenza into ehlakaniphile ukuba alethe lokho okuncane ababenakho kuJesu.
Ngolunye usuku uJesu esashumayela kubaJuda, iqembu lamaGreek lalifuna ukumbona uJesu. Baya kuFiliphu ukuzwa ngethuba elinjalo, uFiliphi wabuza kuAndreya. UAndreya akachithanga isikhathi, ekunye noFiliphi, watshela uJesu ngalokho (Johane 12:20-22)
UAndrey wayeyithanda iNkosi futhi wayengolandela uKrestu. Esikhathini esinzima, nguye owathatha isinyathelo sokuqala ukuletha sonke isimo kuJesu. Wayazi ukuthi bonke abantu bamukelekile kuJesu futhi wakulangazelele ukuthi bazi ukuthi impela uJesu unguye umsindisi wezwe owathenjiswa ngaphambili.
Kungenzeka awunalo idumela kwindima yakho yokukhonza uKrestu njengoPhethro, kodwa ngisho naye uPhethro kwafanela ukuba atshelwe ngoJesu. Into enhle ukudlula zonke umuntu angayenza ukuletha abantu kuKrestu ngokushumayela Ivangeli, kanye nokuletha kuJesu ngomkhuleko zonke izingqinamba ahlangabezana nazo emhlabeni.