Kunobuso obuningi esixukwini semiBhalo obungadumile njengalobo babantu abanjengo-Abhrahama, uMose, uDavide, uPhethro, kanye noPawuli, kodwa yize kunjalo bafanelwe ukwethulwa ngesizotha. Sikwethulela uFiliphu.

Lona akusiye uFiliphu owayengomunye kwabayiShuminambili, kodwa uFiliphu owayengomunye kwabayiSikhombisa. KwiZenzo 6:5 sihlangana naye kafushane ohlwini lwamadoda, akhonjiwe ngenxa yempilo yawo engcwele, ayesiza ibandla elikhulu eJerusalema kwindima ebalulekile yokuphathwa komsebenzi webandla odinga okukhulu ukuvuthwa nomusa. uFiliphu wayeyindoda ekwaziyo ukuphatha umsebenzi wamabhuku ngobunkulunkulu emele iBandla kulabo ababedingile kakhulu futhi bengene bagxila ezinkingeni ezinkulu.

Kafushane emva kwalokho kwaqubuka ukuhlaselwa okukhulu eJerusalema, uFiliphu ungomunye walabo abashiya eJerusalema ukubalekela ukuhlaselwa. Kwakungesiso, empeleni, isenzo sokwesaba, kodwa esokuvuleka amehlo kwisidingo sokuba uKrestu ashunyayelwe nakwizindawo eziqhelelene nebandla elikhulu laseJerusalema. Isizinda esasikhethelwe yena uFiliphu kwaba iSamariya lapho abaningi baphenduka ngenxa yokushumayela kwakhe (IZenzo 8:5 kuqhubeke). Kusuka lapho uNkulunkulu wamuthumela endaweni yaseGaza lapho abelana ngeVangeli noNdunankulu wezeZimali waseTopiya owayefunda isifundiso somprofethi uIzaya ngoJesu (IZenzo 8:26 kuqhubeke).

Wathuthwa ngokwesimangaliso nguNkulunkulu ukuya eAzotus, uFiliphu washumayela iVangeli kusuka lapho kuya eCeasarea ( leyo ekwiMediterranean sea). Leli yidolobha lapho uPhethro akewashumayela kulo emenye nguKhoneliyasi ( IZenzo 10:1 kuqhubeke). Emva kweminyaka, ngenkathi uPawuli esohambeni lwevangeli wanqamula khona eCeasarea, wahlala nabazalwane lapho, kodwa emuzini kaFiliphu (IZenzo 21:8). Kuyacaca ukuthi uFiliphu mhlawumbe wayesenguMfundisi webandla ngemuva kwesikhashana uPhethro eshumayelile khona.

ULukha ukhuluma ngoFiliphu njengo “Mvangeli”. Lokho akufani nomsebenzi wokuvangela lokho lonke ikholwa elikwenzayo okuwukufakaza ngoJesu kulabo abasondelene nathi. Kodwa isiphiwo sekhethelo esinikezelwe kwiBandla ukwenzela ubuholi bebandla. Ngokulandelana komsebenzi wobuholi bezindaba zikamoya kwabaseEfesu 4:11 “abavangeli” babhalwe njengalabo abaphakathi komsebenzi wobuPhostoli nokuProfetha kwabaphostoli nabaprofethi beTestamente Elisha, kanye nomsebenzi wokwalusa nokufundisa wawo wonke umuntu ongumelusi nongumfundisi emabandleni amakrestu ngezindawo ngezindawo. uFiliphu wayeyindoda enikwezelwe njengesipho uNkulunkulu ebandleni eCeasarea ukuze afinyelela kulabo abangakholwa kulona lelidolobha, ukukhulisa labo abaphendukayo babe yibandla elisebenza ngokugcwele. Ku 2 Thimothewu 2:5 umsebenzi woMvangeli umsebenzi wabantu abanjengo Thimothewu owakhula ngaphansi komsebenzi wevangeli waPawuli wabe naye esewuqhuba lowomsebenzi wokumisa amabandla aphilayo kwizindawo lapho amabandla engekho khona. uFiliphu wayeyindoda enjalo.

Maqondana nomndeni kaFiliphu, sithola ukuthi wayenamadodakazi amane, wonke engashadelwe, futhi wonke enesiphiwo sokuprofetha (Izenzo 21:9). Ilokhu kuphela esikutsheliwe, kodwa kuyasikhumbuza ukuvama kokuthi kube yilabo abakhuliswe emakhaya agxilile kukho ukukholwa ukuba nabo ngokwabo basetshenziswe nguNkulunkulu ukuphakamisa ukukholwa emsebenzini webandla.

Manje usuyamazi uFiliphu. Mbonge uNkulunkulu ngabantu abakanje abadlale indima kwawethu amabandla, bese ulingisa ukuthembeka kwalendoda eyaziwa ngobuqotho, esebenza ngokuthembeka, eyenza umsebenzi wokufinyelela kulabo abadukile futhi aphinde angenelele ekusizene emsebenzini webandla elikuleyo ndawo.