Senzenjani ngazo zonke lezi ezinye izinkonzo zaMakhrestu?_(2)

Kumele sicabange kanjani ngezinkonzo zoBukhrestu ezahlukene?

Kunezimo ezintathu ezivamile zezinkonzo zoBukhrestu lapho Amakhrestu edinga khona ukusebenzisa ukuqonda nokwahlulela okuseBhayibhelini:

  1. labo abathembekile (okuthunyelwe kwangayizolo),
  2. labo abangaphili ngokokulunga, kodwa abafundisa iVangeli kahle,
  3. nalabo abafundisa iVangeli ngendlela engalungile (okuthunyelwe kwakusasa).

Isimo sesibili esivamile lapho sidinga khona ukuqonda ngokomoya yilapho kukhona abashumayeli beVangeli abangaphandle kwesiyingi sakho, okungenzeka ukuthi abaphili impilo yokulunga futhi abaphili ngokungasoleki ngokuphelele kukho konke abakwenzayo, kodwa noma kunjalo bayakwazi ukufundisa ingqikithi yeVangeli kahle. Ukuthi bona uqobo bayalikholwa yini iVangeli kungase kungabi sobala, kodwa ngenxa yesizathu esithile balishumayela ngokucacile yize kukhona ukungahlonipheki kwisithunzi sabo.

Isibonelo, kwincwadi-1 KwabaseKhorinte 4 uPawulu ubhekana kafushane nalabo ababemnyundela obala, kodwa noma kunjalo babebonakala bengabanye abaholi noma abaqondisi abaholela abakholwa kuKhristu. UPawulu uyalixwayisa kakhulu ibandla ukuthi lingamlandeli umuntu onjalo, kodwa akasho amagama abo futhi akabavezi ngokusobala njengabafundisi bamanga.

KwabaseFiliphi 1, uPawulu ukhuluma ngalabo abashumayela uKhristu ngendlela efanele, kodwa hhayi ngezizathu ezifanele. Nakuba inhliziyo kaPawulu kwankungenzeka yayibuhlungu ngenxa yaleyo nkohliso, nokho wabonisa isimo sengqondo sokujabula ngokuthi iZwi likaNkulunkulu liyazwakala kahle.

Uma ubheka amabandla oBukhrestu akuzungezile, uwathoel eqhutshwa udumo nengcebo, noma mhlawumbe indlela yawo yokusebenza isondele kokungcolile nokuyisono, kodwa kusakhona ukuchazwa okucacile kweVangeli, khona-ke ungayi kulawomabandla noma futhi ungawuseki umsebenzi wabo wenkonzo—ngokuqinisekile ungakulingisi ukwenza kwabo, amazwi lawo uPawulu angawengeza—kodwa ungahambi ugxeka konke akwenzayo. Okungenani jabula ngokuthi abantu bangasindiswa ngaphansi kwenkonzo yawo.

__________________________________________________________________

Yibani munye ngokuphelele nawo wonke amakholwa eqiniso, yize kukhona ukwehluka okukhulu eningaba nakho.

Uma iVangeli lishunyayelwa, jabula ngalokho, kodwa ningazihlanganisi nesonto labashumayeli abangaphili ngokokulunga.

Balekelani zonke izethulo zamanga zeVangeli, nixwayise bonke abadonselwa kude nokholo lweqiniso

Scroll to Top