Simele sicabange kanjani ngezinkonzo zoBukhrestu ezahlukene?
Kunezimo ezintathu ezivamile zezinkonzo zoBukhrestu lapho Amakhrestu edinga khona ukusebenzisa ukuqonda nokwahlulela okuseBhayibhelini:
- Labo abathembekile (okuthunyelwe kwangosuku olwandulela izolo),
- Labo abangaphili ngokokulunga, kodwa abafundisa iVangeli kahle (okuthunyelwe kwangayizolo),
- Nalabo abafundisa iVangeli ngendlela engalungile.
Isimo sesithathu esivamile lapho sidinga khona sibe nokuqonda okukahle ngokomoya yilapho kukhona abashumayeli abazibiza ngaMakhrestu, abaphethe iBhayibheli ezandleni zabo lapho beshumayela, basebenzisa igama likaJesu nezinye izisho zeBhayibheli, kodwa iVangeli labo lingamanga ngokuphelele. Ivangeli labo akusilo elithi: “Phendukani ukuze nixolelwe izono zenu, nithande uNkulunkulungenhliziyo yenu yonke, nangomphefumulo wenu wonke, nangengqondo yenu yonke,” kodwa kunalokho liyivangeli elithi: phendukani emicabangweni enilimazayo, yamukelani ukuqonda okuthile okuyimfihlakalo kokholo, nithande inhlalakahle yenu ngenhliziyo yenu yonke nangomphefumulo wenu wonke nengqondo yenu yonke.
Kwincwadi kwabaseGalathiya 1, uPawulu uvikela iVangeli ekuchazweni kwalo okungamanga, ngoba abakhohlisi ababi babengene bawuguqula ngokuphelele umlayezo weVangeli likaKhristu. Uchitha incwadi yonke efundisa amakholwa ukuthi bawenqabe ngokuphelele labo bafundisi bamanga — bangalaleli izimfundiso zabo, bangacabangi njengabo, bangenzi njengabo, bangabheki izinkundla zabo zokubhala (ama-blog), futhi bangafundi izincwadi zabo, kodwa bazigcine bekude kakhulu nabo nomthelela wabo.
Uma kukhona umuntu, noma engabonakala ekholwa kakhulu noma ezibiza “ngoMkhrestu,” kwengeza uPawulu — ngisho noma kungaba yingelosi evela ezulwini — uma ukushumayela kwakhe ngoMsindisi wethu uJesu Khristu neVangeli lensindiso ngoKhristu kuphambene futhi kungesikho ngokweZwi, khona-ke ningabi nalutho ukwenza naye noma nenkonzo yakhe. Thandani labo abangaphansi kokukhohlisa kwakhe, kodwa ningakuvumi ukuchazwa ngendlela engeyiyo kweNkosi yethu.
Yibani munye ngokuphelele nawo wonke amakholwa eqiniso, yize kukhona ukwehluka okukhulu eningaba nakho.
Uma iVangeli lishunyayelwa, jabulani ngalokho, kodwa ningazihlanganisi nesonto labashumayeli abangaphili ngokokulunga.
Balekelani zonke izethulo zamanga zeVangeli, nixwayise bonke abadonselwa kude nokholo lweqiniso
