Every Temptation has a Weak Spot
Sonke isilingo siyanqobeka.
Anifikelwangwa ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
1KwabaseKorinte 10:13
Kunendlela yokuphunyula kuso sonke isilingo. Asikho isilingo esiphumelela ukuba sivele esingenayo inkinombo esenza sizibhubhele ngokwaso. Sonke isilingo esizayo kuwe njengekholwa siyanqobeka. Isilingo sakho sinenkinombo ongayicindezela bese siyaqaqeka.
Sicabanga ukuthi isilingo sisungulwe uSathane ukwenza thina ukuba siwele esonweni. Kunalokho, isilingo sisungulwe nguNkulunkulu ukwenza wena ubekezele. Isono akuwona umgomo onqala wesilingo- ukona yinto yesibili oyenzayo uma uhlulwe ukubekezela. Kepha into yokuqala ukuba usithwale ngaphandle kokuwela esonweni.
Kufana nokusungula ibhomu okwenziwa ithimba lezamabhomu. Kungaphela kabi, kodwa isungulelwe ukufundisa ukubekezela. Hlala uncike kumyalelo weBhayibheli, uzohlezi uthola intambo eyiyo okumele inqamulwe ukwenzela ukunqanda ngokuphelele sonke isilingo.
Isilingo siyingozi impela, kodwa akusikho ukuba singehlulwe.
Ngenxa yemiphumela yesono ezimpilweni zethu sihlala njalo kwindawo yesilingo. Kodwa indawo yesilingo inewa, elicaciswe ngokukhethekile ngokuthi “ubungozi obudlulele”. Indawo yesilingo inezigaba ezimbili. Isigaba esijwayelekile kanye nesigaba esinobungozi obudlulele. Kwisigaba sobungozi obujwayelekile, ukuthembeka kukaNkulunkulu kuzokwenza ukwazi ukuphendula ngendlela enobunkulunkulu obufuze obukaKhristu. Kwisigaba sobungozi obudlulele ukuthembeka kukaNkulunkulu kuyawashintsha amabala- ukuthembeka Kwakhe kuzokunikezela ngesijeziso esilungele ukukhombisa inzondo Yakhe ephelele yesono.
UNkulunkulu akasoze akwenza usondele kwisigaba sobungozi obudlulele, ukuze uzohlezi ukwazi ukubhekana ngempumelelo nesilingo. Kodwa, uma ucabanga ukuthi ukusondela kwisigaba sobungozi obudlulele kumnandi futhi abukho ubungozi, lapho ke kuzophela kabi. Ungahlala kwisigaba esijwayelekile lapho kubekezelelwa khona isilingo, kodwa uma kungenjalo uzobhekana nesijeziso.
Isilingo asisiwo umsebenzi wokuhlola ukuthi sizosebenza yini (experiment); isilingo siyisivivinyo (test) sokuthi ungaphunyula kanjani ngokushesha.