Love all the verse in the Bible
Ngokwemvelo siyawathanda amavesi athile eBhayibhelini kunamanye, futhi kaningi siphendula lolo thando olukhethekile lwamanye amavesi lube wukungawanaki ngokuphelele amanye amavesi eBhayibheli. Sithanda amavesi aduduzayo, akhuthazayo, asakhayo, futhi asikhulisayo; kodwa asiwathandi kakhulu amavesi asisolayo. Sithanda amavesi akhuluma ngalokho ebesikucabanga, bese sidlula ngokushesha amavesi angayivusi intshiseko. Noma mhlawumbe yilawo mavesi athinta kakhulu izimpilo zethu zangasese esiwabheka ngokudlulisa amehlo ngokushesha, lapho simatasa sibheka emavesini akhuluma ngezono zabanye abantu. Kwezinye izikhathi sikhululeka kakhulu kwimikhuba eyisijwayezi yobuKhristu kangangokuthi simamatheke nje futhi sinqekuzise ikhanda kuwo wonke amavesi eBhayibheli, ngisho nakulawo asenza singakhululeki, ngoba sicabanga ukuthi siyawazi futhi thina SILUNGILE. Kuze kufike umshumayeli oshumayela lawo mavesi ngokucacile nangokuthemba okukhulu, ngendlela yokuthi uvele wome nkwe esitulwini lapho uhlezi khona. Bese-ke ufisa engathi isikhathi sokuhlanganyela ngemva kwentshumayelo sizobe sikhuluma ngesimo sezulu kuphela, njengoba ingqondo yakho isadidekile phakathi kwesifiso sokuthulula yonke inhliziyo yethu kuMzalwane wokuqala okhombisa ukuba nokukhathalelana, kanye nesifiso sokuqhubeka sengathi akwenzekanga lutho.
Kuyenzeka lokhu: sikhetha amavesi esiwathandayo bese sishiya amanye—ngisho ngokunganaki kwesinye isikhathi. Lokhu kudala kithi umuzwa wokwaneliseka ngokuzigqaja ngalokho esikwaziyo, bese singabi nokuqaphela isidingo sethu sangempela sokuthanda nokwazisa namanye amavesi eBhayibhelini.
Isimo sethu sikamoya ekugcineni sichazwa ukwamukela kwethu wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu. Insindiso nesimo sokukholwa kweqiniso akusekelwa ekutheni yimaphi amavesi owathandayo kakhulu. Ukukholwa kweqiniso akulinganiswa ngamavesi adwetshelwe eBhayibhelini lakho. Insindiso ayifakazelwa ngokuthumela imiyalezo yeBhayibheli emndenini nasebangani bakho. Ubungcwele abuchazwa ngokuthi amasiko akho mahle kangakanani.
KuLuka isahluko 11, uJesu umemezela ngomthwalo omkhulu wezinsizi kulabo ababazi iBhayibheli ngokuhlunga ababephila ngesikhathi sakhe. Enye yalezozinsizi ezithusayo itholakala kuLuka 11:42, ethi:
“Maye kini baFarisi! Ngokuba nikhipha ishumi le-minti, nele-ruda, nelazo zonke izitshalo, kodwa nishiya ukulunga nobubele bothando lukaNkulunkulu. Lezi bekufanele nizenze, ningashiyi nezinye.”
Kuhle ukuba namavesi owathandayo nowawazisayo. Kodwa awukwazi ukuthanda amanye amavesi uze uwashaye indiva amanye. Awukwazi ukuthanda Amahubo kakhulu uze ungafundi izincwadi zikaPawulu. Awukwazi ukuthanda ivesi elingajwayelekile kwizincwadi zabaPhrofethi ube ungazilaleli iziyalo ezicacile ezisencwadini kaJakobe. Awukwazi ukuthanda amavesi angangcebo ube ungawanaki amavesi okulunga nobulungiswa. Awukwazi ukuzibiza ngoMkhrestu uma ungeke uguqe ngamadolo kuwo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.
Wabeka kahle u-Augustine lapho ethi:
Uma ukholelwa kulokho okuthandayo eVangelini, bese ulahla lokho ongakuthandi, khona-ke awukholwa eVangelini, kodwa ukholelwa kuwena uqobo.
