Hope In a World With No Future
Lapho kuphatha ababi, ithemba lesizwe lishona phansi. Lapho kwanda ababi, ithemba lempilo ephumelelayo lishabalala.
Noma kunjalo, ebuhlakanini obukhulu bukaNkulunkulu, incwadi equkethe ukubukeka kwempilo okusebenzayo futhi iqukethe ithemba eliyisiqiniseko. Kunekusasa kanye nethemba kulowomuntu onobunkulunkulu kanye nobuhlakani emhlabeni omubi kanye nonobuwula.
IZaga 23:17 yizwi lokuqondisa leseluleko ukuthi ungalangazeleli ukuphumelela kwalabo ababi, labo abanonya, futhi abangenayo imigomo. Kunalokho isiqondisa ekwesabeni uSIMAKADE kukona konke esikwenzayo.
Bese, isho lokhu evesini elilandelayo,
Impela likhona ikusasa,nethemba lakho aliyukushatshalaliswa.
IZaga23:18
Bese futhi kwisahluko 24, ulwazi olunzulu kwiZaga lusobala lapho lukhuluma nalabo abahlela ukwenza okubi (IZaga 24:8) bese besungula izindlela ezinthsa zokona (Izaga 24:9) kanye nentuba yalabo ababuthaka ababhubhayo ngaphansi kwalezozimo (IZaga 24:10). Kodwa IZaga 24:12 phosa iso lokufunda izinto kwikusasa kwisikhathi lapho uNkulunkulu eyobuyisela umuntu ngamunye ngangokwemisebenzi yakhe. Bese-ke uNkulunkulu usilobele lokhu phansi:
Ndodana yami, yidla uju, ngokuba lumnandi;
uju olusemakhekhebeni luyanambitheka emlonyeni.
Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;
uma ukutholile, likhona ikusasa, nethemba lakho aliyukushabalala.
IZaga24:13-14
Yazi futhi ububone ububi obukhulu obusemhlabeni, kodwa thokozela izibusiso okwamanje, ngoba kuhlezi kukhona ikusasa kanye nethemba kulowo owazi uSIMAKADE.
Ingxenye esele yeZaga 24 wukuhlakanipha bokuthi ungaphila kanjani emhlabeni ongenalo ikusasa. Imiyalelo iyaphambana nobuwula bethu kanye nemizwa yethu enesono futhi isidinga thina ukuba siqine okholweni, siqinisekile ngeqiniso leZwi, futhi singanyakaziseki ekulungeni. Yilena indlela umuntu ohlakaniphile agcina ngayo ithemba emhlabeni ongenalo ikusasa.
