“Ukuthembela kuMoya” kuchaza ukuthi siyamethemba uMoya. Ukuthemba uMoya kuchaza ukuthi ngasosonke isikhathi uyakwamukela futhi ukholwe ukuhumushwa kwesimo sakho Nguye uMoya Ongcwele kanye nomyalelo Wakhe uMoya wokuba ubhekana kanjani nesimo sakho.

Futhi njengalokhu uMoya Ongcwele eyingxenye yobuthathu bukaNkulunkulu, asidingi ukuthi siqagele ukuthi uyini umbono kaMoya ezimpilweni zethu. IBhayibheli liwumqondo kaMoya Ongcwele ngezimo zonke. Ukubeka ngenye indlela, umqondo kaMoya ngempilo yonke uyilokhu Akunikezelile ukuba kubhalwe, okuseMbhalweni Yena awuphefumulele (2 Phethro 1:20-21).

Uma ubona isono, ake sithi isono sokukhathazeka, empilweni yakho, ngakho “thembela kuMoya” ekulwisaneni nokukhathazeka ngokuthi ukholwe ukuthi uMoya uthi ukukhathazeka isono esibucayi esenziwa kuNkulunkulu osikhathalelayo nowengamele ukwenzeka kwezimo zonke (Mathewu 6:25-31). Futhi, “thembela kuMoya”, unganciki kukho ukuzilandulela kwakho noma imibono yalomhlaba, ngokuthi ube nokuqonda ukuthi ukuthemba ngokubonga kuNkulunkulu kuyimpendulo kaMoya enkingeni yakho yokukhathazeka (Philippians 4:6).

Ukuthembela kuMoya kuchaza ukuthi, ukuphila ngeNdlela kaNkulunkulu eMhlabeni kaNkulunkulu.

Mzalwane, asihambe ngokwemiyalelo kaMoya eseMbhalweni, ngaleyondlela asiyikufezekisa izinkanuko zenyama (Galathiya 5:16).