The heartache of protecting bad behaviour
Selokhu kwaqala kuGenesisi isahluko 3, ukuziphatha okubi yikona osekuchaza ukuba ngabantu. Simangazwa ukuqala kwakho okusobala kokuziveza kwizingane ezincane; siyakwenzisisa kuqobolwethu; sikhaliswa umthelela wakho esiwubona kwabanye; bese kuqhubeka njalo ebudaleni bethu sibukeka ukuziphatha okubi sesikwenza kalula nje. Ngokubhekisisa ubugebengu bokuziphatha okubi, Umshumayeli 8:11 unika ngokubhekisisa okusabalele ngokuziphatha okubi:
Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.
UMshumayeli 8:11
Izigebengu ezilindele ukuqula amacala azo okungaziwa kunini zisungula izindlela eziwubuchepheshe zokuchaza ubungebengi babo. Kodwa lokhu kuyiqiniso ngakho konke ukuziphatha okubi– kusukela ebunganeni kuya ekubeni mdala nayo yonke eminye iminyaka ephakathi nendawo kwalokhu. Siyabuthanda ubulungiswa obehliselwa phezu kokuziphatha okubi lapho kuqondene nokuqeda masinyane ngobugebengu. Kodwa, uma sekuziwa ekuziphatheni kwethu okubi, nokuziphatha okubi kwalabo esinobudlelwano obuhle nabo, siyakwamukela, senze izaba, zigxeke abanye, ngokujwayelekile sithole izindlela zokuthi ukuziphatha okubi kungadalulwa ukuze kuzoqodwa ngendlela efanele.
Kuyiqiniso ukuthi uthando lusibekela izono eziningi kulabo abanobudlelwano obusondele nomunye ( 1 ekaPhethro 4:8), kodwa uma ukuziphatha okubi okulokhu kuqhubeka kulokhu kugqitshwa, yilapho kuzoqala khona lonke uhlobo lobuhlungu bhenhliziyo.
Umgomo olula kakhulu wokuziphatha konke– okuhle noma okubi– yilokho uNkulunkulu akuchazela abantu ngokunikezela umqondo wesithombe sokuTshala nokuVuna.
Ningadukiswa, uNkulunkulu akabhuqwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho uyakukuvuna. Ohlwanyela imisebenzi yakhe yemvelo eyonakeleyo, uyakuvuna ukubhubha kuyo imvelo eyonakeleyo; kodwa ohlwanyela kuMoya, uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
KwabaseGalathiya 6:7-8
Ngakube ukuba wumzali kumntwana omncane, ukweluleka abantwana abadala, ukuqapha abantu emsebenzini, ukweluleka labo abadingile, ukululama ekugqilazweni yizidakamizwa, ukunqoba ukuphila uncike kwimithi yokwelapha ukugula okuphathelene nomqondo, ukuhlumelelisa izimilo kwizigebengu, ukweluleka intsha, ukusiza umngani, noma ukungenelela kwisimo esiyinkinga, isithombe sokuTshala nokuVuna sinikezela umqondo oyisidingo ohlukile kunalowo wokuvikela okungapheli ukuziphatha okubi.
Lapho imiphumela yokuziphatha okubi ekugcinine isifika, zigwemele ubuhlungu benhliziyo bokuvikela ukuziphatha okubi. Kunalokho, xhumanisa imiphumela leyo evunwayo kulokho kuziphatha okwatshalwa. Lapho-ke uyokwazi ukuthi yini okumele uyeke ukuyitshala, bese-ke ubuhlungu benhliziyo bemiphumela enzima buzophela.