The Reality of Human Limitation
Nansi indaba ehlekisayo ethathelwa kuJohn MacArthur ngesilinganiso samandla okwenza izinto omuntu ethathelwa kwintshumayelo yakhe kwincwadi kaMakhu 10:23-31.
UNkulunkulu angenza zonke izinto anqumile ukuba Uzozenza. (Daniel 4:35)
Lokho, kodwa-ke, akusilona iqiniso ngathi. Yize noma kukhona abantu namhlanje abangathanda ukusenza sicabange ukuthi singenza noma yini, ukudukiswa lokho. Kujwayelekile ukuthi abantu bathi, “Ungenza noma yini oyifunayo. Ungafeza noma yini oshisekele ukuyenza, kholelwa kuwena nje.”
Lokho wumsangano nje, impela. Yinkulumo yomkhohlisi, noma umuntu odukisiwe, futhi ngike ngathi ukuyicabanga ngalokhu kancane kulelisonto ngase ngithola izinto ongeke ukwazi ukuzenza.
Wena…ey, ziningi, ngizokunika ezimbalwa. Awukwazi ukuzikitakaza, Awukwazi ukukhotha indololwane. Okay? Sizoqala lapho. Futhi uma lokho kungajulile ngokwanele kuwena, awukwazi ukuthimula amehlo akho evuliwe, futhi awukwazi ukubhaklaza isicabha esirawundayo. Futhi awukwazi, ngokokusho komthombo othile, wenze isiyingi esihambisana newashi ngonyawo lwakho bese kanye kanye ubhala usix. Ungakuzami, kungenzeka uwe.
Noma, njengokusho kuka Winston Churchill, “ Kunezinto ezintathu ekungenakwenzeka ukuba ngikwazi ukuzenza.” uChurchill, “ Okokuqala, ukugibela udonga oluzimelele ngakumina. Okwesibili, ukwanga intombazane ewuqhelisile umzimba wayo kimina. Okwesithathu, ukukhuluma neqoqo labantu ngesihloko abasazi ngangcono kunami.” Waye ngumuntu othobekile, ukukubeka ngendlela ekahle.
Konake, lezo yizinto okungabalulekile ukuthi ucabange ngazo kodwa ukuthi kubekhona nanoma ubani othi singenza nanoma yini esifuna ukuyenza lokho impela wumsangano. Kunezinhlobonhlobo zemikhawulo ezintweni esikwazi ukuzenza. Kunemikhawulo kumakhono. Kunemikhawulo emathubeni akhona. Kunemikhawulo kwizimo. Kunemikhawulo kwisikhathi. Sonke siyakwazi lokho. Impilo igcwele imikhawulo. Eminye ngeyethu eminye iyingxenye yempilo esiphila kuyo. Awukwazi ukwenza into ofuna ukuyenza, kahlehle, ngoba nje ufuna ukuyenza. Ukukholelwa ekutheni ungakwazi ukuyenza akukushintshi ukuthi angeke ukwazi ukuyenza uma ungeke ukwazi ukuyenza. Lobo buwula obomkhakha wepsychology wokuzikhuthaza okhohlisa abantu ngemibono eyihaba ababanayo ngoqobolwabo.
Isilinganiso samandla okwenza izinto kwethu sikhona ngempela. UNkulunkulu uyasazi isilinganiso samandla ethu (Ihubo 103:14). UNkulunkulu, uqobolwakhe, kodwa-ke, yena angenza nanoma yini ngokuthanda Kwakhe (Ihubo 115:3). Ngakho-ke masimuphakamise uNkulunkulu.
