Ubulungiswa kulabo abazidlayo (Obhadiya)

Justice to the proud (Obadiah)

UNkulunkulu weqiniso yiLowo oqinisekisa ukuthi bonke abantu bayenzelwa ubulungiswa, ngisho nalabo abanempakamo, ngisho nalabo abazehlisile. Le iyona indikimba yencwadi kaObhadiya. Lencwadi ubude bayo bakhiwe ngamavesi angamashumi amabili nanye, ikhuluma ngobutha phakathi kwesizwe samaEdomi nesizwe sakwa-Israyeli.

Konke kwaqala kuGenesisi 25 lapho uEsawu (uEdomi ), noJakobe (Israyeli) bezalwa, kwase kwafinyelela ezingeni eliphezulu ngemuva kweminyakeni engamakhulu ngesikhathi sikaMose kuNumeri 20:14-21, kwase kwaqhubeka kuba khona kuphinde kungabikhona ngesikhathi samakhosi akwaIsrayeli, kwaphinde kwafinyelela ezingeni eliphezulu ngezinsuku zikaObhadiya, futhi, uma kuyisigameko esihlukile, kwaphinda futhi ngezinsuku zikaHezekeli ( Hezekeli 35:1-15). Lesi yisiprofetho esilethwe nguNkulunkulu uQobolwakhe, ukuthi Yena uzovusa ibutho elizobhekana neEdomi (Obhadiya 1:1), nokuthi Yena Qobolwakhe uzoqinisekisa ukuthotshiswa kukaEdomi (Obhadiya 1:4).

Ubulungiswa buzofinyelela eEdomi akunandaba imicabango yabo emikhulu ababenayo ngoqobo lwabo (Obhadiya 1:2-4). Ubulungiswa buzofika kuEdomi onempakamo kanjengane-sigebengu esizoqoqa kwasani endlini singashiyi ngisho (Obhadiya 1:5-6). Ubulungiswa buzofika kwiEdomi ngokuphendukela ukuhlakanipha nokuqonda kwabo kube yinkohliso ( Obhadiya 1:7-8), futhi nanokuphendukela amandla amadoda ukuba ashawe yingembe (Obhadiya 1:9).

Isidingo sobulungiswa obukanjalo babungesiyo imfihlo. UEdomi wayekade emphathe kabi umfowabo uJakobe kusukela kuGenesisi 25, waze ngokwempakamo wamela kude ngesikhathi iJerusalema litshontshelwa ngobudlova, ngaleyondlela iEdomi lazenza laba necala ngokulinganayo maqondana nalo lonke udlame olwenziwa eJerusalema (Obhadiya 1:10-11).

Ngakho-ke, uObhadiya uqaphelisa iEdomi ukuthi lingajabuli ngokubi okwehlele uIsrayelu engathi uIsrayeli wayefanelwe ukwahlulelwa ngaphezu kokuba lwalufanele bona (Obhadiya 1:12-14). Njengalokhu uSIMAKADE wayala uIsrayeli ngenxa yezono zawo, kanjalo uSIMAKADE uzoletha usuku Lwakhe lwempindiselo kuzona zonke izizwe, ukwahlulela kwabo kuhambisana nezenzo zabo (Obhadiya 1:15-16).

Into eyodwa eyayizoba umehluko kakhulu phakathi kukaIsrayeli nazozonke ezinye izizwe, wukuthi uIsrayeli uzobuyela esimweni zokuphinde aphathe ezinye izizwe (Obhadiya 1:17-21). Isizathu salokhu yingoba uMbuso kaIsrayeli ungoka SIMAKADE (Obhadiya 1:21).

Ngakho ke lencwadi eyisahluko esisodwa iyncwadi ewubufakazi obumangalisayo bokuthi ubulungiswa bukaSIMAKADE buphelele kanjani futhi abunakho ukwenzelela– Wahlulela abaphakeme abakwisizwe Sakhe njengalokhu Enza kwabaphakeme abakwezinye izizwe. Kodwa ngasikhathi sinye, uSIMAKADE usami ngokwethembeka othandweni Lwakhe lwalabo abangaBakhe, futhi ekugcineni uzophumelelisa zonke izethembiso zakhe kubona.

Mibili imisho evela kuObhadiya egoqa ubulungiswa bukaNkulunkulu,

njengoba wena wenze kanjalo

kuyakwenziwa kanjalo nakuwe.

Izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.

Obhadiya 1:15


* Uma ufisa ukuqhhubeka ufunde ngokulwa phakathi kukaEdomi noIsrayeli, funda uGenesisi 25, uNumeri 20:14-21, 2 Izikhronikhe 28:16-17, Ihubo 137:7, Hezekeli 35:1-15

Scroll to Top