Jesus is Saviour
UNkulunkulu weqiniso akafani nabanye onkulunkulu kanye namaqhawe enkolo, yena usindisa izoni. Akukho lapho lokhu kuvezwa ngokucacile njengakuThithu 3.
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana. Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu,wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele,amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Khristu uMsindisi wethu, ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.
UNkulunkulu uyazisindisa izoni. UNkulunkulu uzisindisa izoni ngokuzinikeza ukulunga (uyazilungisisa) ngomusa kaJesu Khristu. Kungakho ebizwa ngokuthi “unguMsindisi wethu”.
Empeleni, ukuthi unguMsindisi kuyincazelo ngisho yegama elithi “Jesu”. Lapho uJosefa etshelwa ngokukhulelwa kukaMariya, watshelwa ngokucacile ukuthi igama lengane kuzoba “uJesu” ngoba “nguyena ozosindisa abantu bakhe ezonweni zabo” (Mathewu 1:21).
UNkulunkulu wethu wakhetha ukusindisa, wonke umsebenzi wensindiso uwenza ngoMsindisi wethu uJesu Khristu.