Jesus is God
Uma singafingqa yonke inkolo yobuKhristu, singayihlangaisa ngegama elilodwa elithi “Jesu”. Esinye sezizathu zalokho ukuthi, uJesu unguNkulunkulu. INkosi yethu uJesu Khristu inguNkulunkulu.
Washo kahle uThomase lapho ethi “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!” lapho ebona uJesu evukile kwabafileyo (ngokukaJohane 20:28). Umphostoli uPawulu wasusa konke ukungabaza lapho ethi khona “ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo” (kwabaseKholose1:19). Lapho ehlanganisa khona ubuNkulunkulu kanye nobuntu bukaJesu, uPawulu uthi, “ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu” (kwabaseKholose 2:9).
UJesu wehlukile kuBaba kanye nakuMoya oNgcwele (ngokukaJohane 14:26; 15:26), kodwa ufanelwe ukudunyiswa ngokuphelele njengoNkulunkulu wethu (ngokukaMathewu 28:9). UJesu akayena uMsindisi wethu nje kuphela, kodwa futhi unguNkulunkulu wethu (kuThithu 2:13; 2 ekaPhethro1:1)!