True faith makes a difference

Ukholo lweqiniso lwenza umehluko ikhorasi yencwadi ekaJakobe.

Kwinkolo ‘yoBukhrestu’ lapho abaningi bezishaya Amakhrestu kodwa beyingcosana aphila ngokwangempela ngendlela ehlukile kunalo mhlaba, lenkulumo esobala efingqiwe yencwadi ekaJakobe iyinsika yokholo lweqiniso—ukholo lweqiniso lwenza umehluko. Isibonelo, kwabaseFiliphi 2:14-15 basikhombisa indlela amakholwa eqiniso angakhonondi ngayo njengezwe. Esinye isbonelo salokhu kungaba yilokhu uJesu akufundisa kuMathewu 6:31-33, ukuthi amakholwa eqiniso awakhathazeki njengalelizwe. Kuyona yonke imiyalelo yeTestamente Elisha, lenkulumo imi iyiqiniso: Ukholo lweqiniso lwenza umehluko.

Kwincwadi ekaJakobe lendikimba injengemisebe yokukhanya ethinta kuyona yonke indawo yezimpilo zethu. Njengane ncwadi yeZaga ikhuluma ngezihloko ezihlukahlukene, kodwa ezihlanganisa zonke ndawonye ngamaqiniso kamoya obuhlakani beqiniso obufundisiwe kwizahluko zokuqala, kanjalo incwadi ekaJakobe ithinta izihloko ezihlukahlukene, kodwa izihlanganise zonke ndawonye ngamaqiniso kamoya emisebenzi yokholo lweqiniso. Kwisithombe esisinikwa nguJakobe, “

Matching the practical insight and value of Proverbs, James shows us that true faith makes a difference,

Ngokuqhathanisa injulo nezinga lowkenza izinto okutholakala kwincwadi yeZaga, incwadi ekaJakobe isikhombisa ukuthi ukholo lweqiniso lwenza umehluko,

  • kwindlela esiphendula ngayo ebunzimeni (1:2-12)
  • kwindlela esiqonda ngayo umthombo wobubi nomthombo wobuhle (1:13-18)
  • kulokho esikubona njengonkambo kamoya yeqiniso (1:19-27)
  • kwindlela esiphatha ngayo bonke omakhelwane bethu (2:1-13)
  • kwindlela esiqonda ngayo imigomo eyisisekelo sokukholo okubonakala ngemisebenzi (2:14-26)
  • kwindlela esikhuluma ngayo (3:1-12)
  • kubudlelwano esinabo (3:13-18)
  • kwindela esibhekana ngayo nesono sethu kanye nesono sabanye (4:1-12)
  • kwindlela esakha ngayo amacebo (4:13-17)
  • kwindlela esiphatha ngayo izimali zethu (5:1-7)
  • kwindlela esima sithembeke ngayo kuze kube yisikhathi sokubuya kukaJesu (5:7-12),
  • nendlela esizigcina sikhandlela ngayo umsebenzi wombuso (5:13-20).

Nakube ukholo lwakho luyawenza loluhlobo lomehluko empilweni yakho? Kwangathi uNkulunkulu angakwenza kanjalo!