Izikhathi eziningi, isizathu esikhulu zokungabilusizo kumsebenzi webandla izingxabano phakathi kwabantu. Angikuthandi, awuyithandi into engiyenzile, ngakho uyahlala kwelinye isayidi, mina ngihlale kwelinye isayidi, uma kuyizikhathi zokuhlanganyela kwabazalwane uma kuzoba khona wena, mina angizi, uma unesicelo somkhuleko ngento ethize, mina angeke ngikukhulekele lokho.

Kodwa izingxabano zabantu enkonzweni akuzona nje ezabantu. Inkinga yakho nomunye uMzalwane, esontweni, ihlezi izolimaza umsebenzi webandla wonke, ngezindlela eziningi ongazinakile. Ukwenza ukuthula nomunye kubaluleke kakhulu. Sinenkinga yokukhohlwa ukuthu izingxabano zidala umonakalo ebandleni lonke.

UFilimoni noOnesimu banenkinga phakathi kwabo, maduzane yayisizokonakalisa umsebenzi wevangeli kaPawuli kanye nowebandla laseKholose. Uma ungenazo izinkinga ezikanje, mubonge uNkulunkulu bese uyithatha lemiyalelo uyithukuse wenzele ukuthi uyisebenzise esikhathini lapho kukhona utho onalo phakathi kwakho nomzalwane omunye eBandleni. Uma kuwukuthi kuyimanje kukhona inkinga onayo nomzalwane- kungabe nguwe owoniwe, noma owonile, noma nguwe onengcindezi yokwenza ukuthula, incwadi kuFilemoni kumele igqame njengentando kaNkulunkulu kuwe.

Zinhlanu izingxenye Zokubuyisana Kwabazalwane ezizo vuselela ukuba nomthelela omuhle komsebenzi wevangeli ebandleni.

Okokuqala, lalela hhayi engathi ugcina umthetho (kuFilemoni 1:8) kodwa ngokothando ( 1:9).ngenxa yothando onalo ngabanye abazalwane ebandleni, yakha ukuthula nelungu eBandleni lelo onenkinga nalo. Ukungazwani kwenu kwenza umonakalo ngaphezu kokuba ucabanga.

Okwesibili, thobeka kubunye bomqondo womsebenzi wevangeli. UPawuli wayengazifunela eyakhe indlela yokwenza umsebenzi wevangeli, kodwa wathobeka ngaphansi kwalowo kaFilemoni ukuze kuzoba khona umthelela ozohlala isikhathi eside (kuFilemoni 1:13-15).

Okwesithathu, lowo okonile mubheke ngokukamoya. Siyashesha ukubheka ukulimala esikwenziwe ngomunye umuntu ngendlela yokuthi size singasibheki isimo sikamoya salowo omunye. Akufanele yini ukuthi kungendlela ephambene nale, Ukumbheka ngokobudlelwano noNkulunkulu? Labo abaseBandleni bangabazalwane kanye nawe endlini kaNkulunkulu. Buyisanani ngoba ningabenzalo yamandla kaNkulunkulu ngakho ukukholwa, ningavumeli izingxabano kube yizona ezilawula ubudlelwano benu (Filemoni 1:15-16).

Okwesine, susa yonke imicabango yokufuna ukuziphindiselela- noma ungeke leyomicabango wayenza ngokoqobo, kodwa kusamelwe ihambe. UJesu usasithwala isijeziso salelo cala elenziwe kuwe, ngakho simelwe ukwelula umusa ngokobuningi bawo, ( Filemoni 1:17-19).

Okokugcina, ukuthi uqinisekise ukuthi ukubuyisana kwenzeka ngokuphelele, nezezela ukwenza ngokudlulele ekwenzeni kwakho ukuthula. Khombisa umusa ongaphezulu kwalowo obona ukuthi ufanele, khombisa uthando oluningi kunalolo ozwa engathi luyadingeka; yenza okungaphezulu (kuFilemoni 1:20-21)

Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa ngabantwana bakaNkulunkulu.

NgokukaMathewu 5:9