Dealing wisely with God
Incwadi yeZaga ilinganisa ukuhlakanipha bokwesaba uSIMAKADE (Izaga 9:10-11;14:26-27;28:14;23:17). Ngaphambi kokuthi nanoma yibuphi ubuhlakani obuphathelene nanoma yisiphi isihloko esiqondene nempilo buthathwe, owesilisa noma owesifazane ofisa ukuba ahlakaniphe kuzodingeka ukuthi aqale abe ngohlakaniphile ebudlelwaneni bakhe noSIMAKADE.
Lokhu kuphunyeleliswa kuqala ngukuhamba ezindleleni zikaNkulunkulu (Izaga 10:29; 16:7). Lokhu kuchaza nje ukuthi ukuphila ngokuthobeka ngokulalela njengendlela ewumkhuba wempilo.
Okwesibili, indlela ehlakaniphile yokuba nobudlelwano noSIMAKADE, ukuba umethembe YENA (Izaga 3:5-6; 22:29).
Okwesithathu, Akusiyona imfihlo ukuthi kuSIMAKADE ukuhlakanipha kufaka phakathi nokuhlonipha lokho Yena akushoyo. Abahlakaniphile maqondana noNkulunkulu yilabo abazibophezele eMbhalweni (Izaga 16:20; 19:16; 30:5).
Okokugcina, indlela ehlakaniphile yokusondela kuNkulunkulu yileyo yokuphenduka ezonweni zakho masinyane ngasosonke isikhathi (Izaga 28:13).
Yizintwana ezincane lezi eziyisiqalo maqondana nokuhlakanipha kokuba nubudlelwano noSIMAKADE
Ukuyibeka ngamanye amazwi, singacishe ngokufanayo sithi abantu abahlakaniphile abaphile engaz’uthi uNkulunkulu akekho, abakuthathi kancane ukungamthobeli uNkulunkulu, abathembeli kwenye into ngaphezu kokuba bethembele kuNkulunkulu, futhi abalishayi indiva iBhayibheli.
Ngakube ungohlakaniphile noma oyisiwula kwindlela odlelana ngayo noNkulunkulu?
