Parenting summed up in two Commands
Ngokwencwadi u-IDutherenomi 6:5-7, zimbili kuphela izithako ezilula ezidingakalayo ukuba ube nomthelela obonisa uNkulunkulu kumntwana wakho: 1) Yiba nobunkulunkulu wena qobolwakho, okwe-2) Fundisa umntwana wakho ukuba nobunkulunkulu.
Okokuqala, yiba nobunkulunkulu wena qobolwakho.
Mthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho. 6Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla mawahlale enhliziyweni yakho.
IDutheronomi 6:5-6
Thanda uNkulunkulu ngenhliziyo yakho yonke, umphefumulo nengqondo, vumela Amazwi Akhe ahlezi esengqondweni yakho. Ukukubeka ngendlela esobala, uzoba nobungcwele wena qobolwakho uma uthanda uNkulunkulu, futhi wazi Izwi Lakhe.
Ngamanye amagama, ukulungiselela (noma ukulungisa, uma kuwukuthi usube ngumzali isikhathi esithe ukululeka) kahle ukubawumzali, sebenza ekwenzeni ukuthi into egqamile kakhulu kubudlelwano bakho noNkulunkulu kube wuthando lwakho onalo Ngaye. Ukukwenza lokho uzodinga ulwazi lokuthi yini uthando lukaNkulunkulu, okuthiwa ulwazi lwemithetho Yakhe. Kuphela kungokuqonda okuqinile nokuhlelekile kokuthi uNgubani uNkulunkulu nokuthi usebenza kanjani lapho kungabonakala khona ngokugqamile uthando lwakho ngoNkulunkulu lubonwa nguwena, abanye kakhulukazi abantwana bakho.
Thanda uNkulunkulu kuqala kunakho konke, ngaphezulu kwezinto zonke. Makukujabulise ukukhuluma noNkulunkulu esithe nokukhuluma ngoNkulunkulu esidlangalaleni– kakhulukazi uma unomndeni wakho. Yenza kube yinto enkulu indaba kaNkulunkulu emicabangweni yakho, kulokho okholelwa kukona ngesiqiniseko, nakunembeza. Funda iZwi likaNkulunkul ngentshiseko, ngentokozo nangehloso. Fundela ukuba nokuqonda okucacile nolwazi kokuthi iBhayibheli lithini. Yakha uhlu lwalokho okuseMbhalweni okholwelwa kukho ngesiqiniseko ozophila ngakho, bese ukwenza imingcele ebiyele indlela yokuphila komndeni wakho. Cabangisisa bese uyanquma ngalokho okuseMbhalweni ukuthi yini wena nomndeni wakho enizozibandakanya kuyo, nokuthi yini ozozivikela kuyona wena nomndeni wakho.
Beseke, fundisa ubunkulunkulu ophokophelele kubo kubantwana bakho. Yiba nobunkulunkulu wena qobolwakho bese futhi ufundisa abantwana bakho ukuba nobunkulunkulu.
Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka.
IDutheronomi 6:7
Ukuba wumzali ukuba wuthisha. Ukuba wumzali ukufunda ikhono lokukhuluma ngendlela yokuthi ufanelwe ukuba ulalelwe. Yiba nento efanelwe ukukhulunywa, bese ufunda ukuyisho ngendlela ezonikezela usizo.
Ukufunda incwadi kaIzaya kumntwana wakho oneminyaka emi-5 kungaba yinto engaphezu komqondo wakhe kancane, kodwa ukufundisa uthathisela ku-Izaya ukuthi uNkulunkulu ungcwele futhi usebenza ukwenza abantu abanjenganathi ukuthi babengcwele kuwusizo kumntwana oneminyaka emihlanu oseqala ukuqaphela indaba yesono (nakumuntu oneminyala engu-50!).
Njengomzali kumele ube namazwi kaNkulunkulu enhlizweni yakho. Funda iBhayibheli lakho, lazi iBhayibheli lakho. Bese ufundisa abantwana bakho lokho osukwazi. Lifundise ngokukhulu ukuzikhandla kubona ukuze, kusukela ebuncaneni, ulwazi lwabo ngoNkulunkulu neleZwi luzophumelelisa ngisho nokukwazi ukufunda. Bese, njengoba bekhula ekukwazini ukuzifundela Imibhalo bona, naboke bazokwazi ukuzihlanganisela lokho abakholelwa kukho ngesiqinseko kokubangcwele bese nabo bazokwazi ukwakha izindlela eziwusizo zokukufundisa kwabanye—ukuba kukuhle eNkosini, bakufindise nabo eyabo imindeni.
Uma ufisa ukuba umzali olungile, yiba nobunkulunkulu wena qobolwakho ngokuthanda uNkulunkulu nokwazi Izwi Lakhe. Fundisa abantwana bakho ukuba nobunkulunkulu.