Spiritual Experiences Don’t Make You Immune to Temptation
Izibusiso zokomoya azikukhululi ekulingweni. Ku-1 kwabaseKhorinte 10:1–6 uNkulunkulu uqhathanisa ukufana okuthile phakathi kwethu njengaMakhrestu nama-Israyeli angesikhathi sikaEksodusi. Ama-Israyeli angesikhathi sikaEksodusi aziwa kakhului ngezinto ezimbili:ukubhekana nezinto ezimangazayo ngokwedlulele, kanye nokuqhubeka enqotshwa yizilingo. Isifundo esibalulekile kithi njengaMakhrestu silula: izibusiso zokomoya azikwenzi ungabe usalingeka.
Incwadi yoku1 KwabaseKhorinte 10:1-6 yincwadi enzima ukuyiqonda, ngakho asike sithi ukuyibheka kafushane.
Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula olwandle, 2bonke babhabhadiswa kuMose efini nasolwandle.
1 kwabaseKhorinte 10:1-2
Lokhu kungoEksodusi—ukuyixhumanisa nathi njengaMakhrestu, lokhu kungesimo esikhethekile kakhulu samanzi. Ama-Israyeli azibonela ubukhona bukaSIMAKADE efwini elalibalandela. Ifu laliwuphawu likaNkulunkulu ukuthi ukunye nabo. Futhi, ama-Israyeli wonke adlula phakathi koLwandle oluBomvu phezu komhlabathi owomile. Ekukhonjisweni esidlangalaleni okumangazayo kwamandla kaNkulunkulu Yena uyewahlukanisa amanzi olwandle egcina abantu bakhe okuthe lapho bonke sebedlulile bephephile, Yena wenza amanzi abuyele esimweni sokusebenza kwawo esijwayelekile ngaleyondlela kwasekummuka yonke impi yama-Gibhithe.
Igama elithi bhabhadisa yilono elenza izindlebe zethu kwiThestamente Elisha zicije. Ngakube kwakukhona ukubhabhadiswa kwiThestamente Elidala? Ngakube ukudlula phakathi koLwandle oluBomvu kwawukubhabhadiswa kwesizwe? Empeleni, cha. Okokuqala kunakho konke, uEksodusi ucacile ukuthi badlula phakathi nolwandle bomile khweqe.
Lokho uPawuli akwenzayo la ukusiqaphelisa lokho okufanayo phakathi kwama-Israyeli kanye nathi njengaMakhrestu. Kunjengokwakho ukuhlangabezana namanzi– umbhabhadiso wamanzi uwuphawu lokuhlobana kwakho noKhristu, ngakho ama-Israyeli ekubhekaneni nesigameko soLwandle oluBomvu kanye nefu ayehlontshaniswa noMose. UNkulunkulu wayekunye noMose, bese-ke ngokubhekana nesigameko soLwandle oluBomvu bonke baqinisekiswa ukuba ngokulandela uMose bazobusiswa nguNkulunkulu.
Kanjalo nathi kwiThestamente Elisha, ngokuphenduka, okufanekiswa ngombhabhadiso wamanzi, sihlontshaniswa noKhristu. Ngakho nathi ngokunjalo siqinisekiswa ngesibusiso sikaNkulunkulu ngokulandela uJesu esibhabhadiselwe egameni lakhe. Ngamanye amazwi, njengo-Israyeli, nina makholwa aseKhorinte nihlangabezane nesimo samanzi esinihlobanisa nesibusiso esiphathelene nokulandela indoda kaNkulunkulu
Okufanayo kuyiqiniso kumavesi u3-4
Bonke badla ukudla okufanayo komoya, 4 baphuza okufanayo komoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo, lelo dwala lalinguKhristu.
1KwabaseKhrorinte10:3-4
Lokhu ukubhekana nendaba yokudla nokuphuza. Ukudla nokuphuza okungokomoya akukhulumi ngokugcineka okungokomoya okukwisimo sensindiso, ngoba iningi lamaIsrayeli cishe lalingasindisiwe. Kunalokho igama elithi komoya likhuluma ngomthombo kamoya walokhu-kudla kanye nokokuphuza. Uyakhumbula encwadini ka-Eksodusi ukuthi uNkulunkulu wayebanikeza imana ngokuyisimangaliso ivela ezulwini njalo ekuseni, nokuthi idwala elomile lakhipha amanzi okuphuza anele ukuqeda ukoma kwesizwe sonke. UPawulu ukhomba ukuthi uKhristu wayeyidwala, ngendlela efanayo naleyo akhomba ngayo ukuthi ukudla nesiphuzo kwakungo-komoya. Amandla ayesekela ukuqhubeka kokutholakala kwalokho kudla kukamoya namanzi ayephuma edwaleni kwakunguKhristu.
Ngokwenza lokhu, njengoba enzile nangegama elithi ukubhabhadiswa, uPawulu udweba ukufana okusondelene kakhulu phakathi kwalokho ama-Israyeli ahlangabezana nakho ehlane nalokho abaseKhorinte abahlangabezana nakho ebandleni. Nathi ebandleni siyahlangabezana nokuphathelene nokudla nesiphuzo. Lokhu kubizwa ngokuthi iSidlo seNkosi, futhi yiso uPawulu aqala ukukhuluma ngaso kafushane ekugcineni kwesahluko se-10, aphinde asichaze kabanzi esahlukweni 11 sencwadi yoku-1 kwabase-Khorinte.
Njengama-Israyeli, nathi singaMakhrestu sinezibusiso ezinkulu kakhulu ngokomoya. Kodwa lezo zibusiso azisikhululi ekulingweni.
Kepha uNkulunkulu akathokozanga ngeningi labo, ngakho-ke izidumbu zabo zasakazwa ehlane. Lezo zinto zenzeka ukuze zibe yisibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengokuba bona bakufisa.
1KwabaseKhorinte10:5-6
Okudabukisayo ngendaba kaEksodusi ukuthi wonke umuntu ngalesisikhathi salezizibusiso owayeneminyaka engaphezulu kwenga-20 akangenanga eZweni leSethembiso, ngaphandle kukaJoshuwa noKhalebhu. Cishe lonke iningi labo, kubalwa ngisho noMose noAroni, bawa ehlane ngenxa yesono.
Ningakhohliswa. Izibusiso zokomoya azinikhululi ekubhujisweni yizilingo.
Ukuphenduka kwakho, ukubhabhadiswa okwalandela lapho, nokuhlanganyela kwakho njalo kwisibusiso seSidlo seNkosi akukwenzi unganqobeki ngokomoya.
Ukukhula kwangempela ngokomoya akuveli ngokuhlangabezana nezimo zokomoya, kodwa kuvela ekubalekeni okuqhubekayo ubalekela ngisho nalokho okubonakala kungathi isono.
