IHubo 103:14 mhlawumbe lingelinye eliyinkulumo eqondile kakhulu ngokusizwela kukaNkulunkulu

Ngokuba uyazi ukuthi sibunjwe kanjani,

uyakhumbula ukuthi siluthuli nje.

Amahubo 103:14

UNkulunkulu uyazi ukuthi asiyona lento Yena ayiyona. Asikho ngcwele ngokuphelele thina. Asinawo amandlq onke. Asazi zonke izinto. Azinakho ukubekezela ngokuphelele. Asiyilawuli impilo. Asihlezi sazi ukuthi yini ekumele siyenze, futhi noma sazi ukuthi yini esimelwe ukuyenza, isikhathi esiningi siyahluleka ukuthi siyenze kanjani. UNkulunkulu uyazwelana nathi ngoba Uyazi ukuthi sibunjwe ngothuli lomhlabathi kanye nakho konke ukwehluleka nokufuthazela okuhambisana nakho. Ngaphezu kwalokho, siyona, okwenza isimo sethu sibhede kakhulu.

Kodwa uzwela lukaNkulunkulu alusiyona into ekhona nje eyiqiniso ngoNkulunkulu ezulwini. Uzwela lukaNkulunkulu luholela kumphumela wokusidabukela Kwakhe edabukela thina lapha emhlabeni. Ivesi elifika kuqala kunaleli elikhuluma ngozwela lukaNkulunkulu likhuluma ngokusidabukela Kwakhe okukhulu.

Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe,

kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo.

Amahubo 103:13

Yonke le enye ingxenye yeHubo 103 igcwele ubufakazi bezwelo olukhulu lukaNkulunkulu kulabo abamesabayo Yena, kodwa bebe besabuthaka. UNkulunkulu uyazixolela izono zethu futhi uyasiphilisa ngemuva kwakho konkne ukugula ( Amahubo 103:3) . UNkulunkulu uyasinikezela uthando nobubele ( Amahubo 103:4). UNkulunkulu uyasifaka endleleni ngokusijezisa kwesinye isikhathi, kodwa kuhlezi kuzoba yisikhashana ngokuthukuthela okuncane kunalokho okusifanele ( Amahubo 103:9-10)

Uma usadlinza ngokudabuka okunozwela kukaNkulunkulu  okubhekiswe kuwena, hlanganyela nuMhubi ekubongeni uSIMAKADE namhlanje kunye nabobonke abalilalelayo iZwi Lakhe ( Amahubo 103:20-22).