Godly eating and drinking

Ukudla nokuphuza kungezinye zezenzo eziyisidingo ezisobala ezenziwa ngabantu. Ukusebenza okuthize komzimba, ukushaya kwenhliziyo, ukuphefumula nokunye., kuyizidingo ezinqala ezisobala ekuphileni komuntu ukudlula ukudla nokuphuza, kodwa ukudla nokuphuza yizenzo eziyisidingo esisobala sabantu ezidinga isinqumo esicacile, ukucabangisisa ngaphambi kokwenza, ukulungiselela bese uyenza ukuze uzophila ngokwenyama.

Kungakho uNkulunkulu ahlinzekela maIsrayeli ngokokudla nokokuphuza ogwadule ukukhombisa ngobufakazi ukubanakekela Kwakhe okumangalisayo. Yingakho nje ukunikezela umuntu into yokudla nokuphuza kuyindlela esobala yokukhombisa ukuthanda umakhelwane ( Izaga 25:21; Mathewu 25:35).

Yize noma ukukholwa kweqiniso kungachazwa ngamalungelo akho okudla nokuphuza ( Roma 14:17), kodwa ukudla nokuphuza kusayindlela yokubuka impilo ekhombisa ubunjalo bukaNkulunkulu. Ngokuphindaphindiwe kwincwadi yoMshumayeli, incwadi esabalalayo ngokunikezela incazelo yempilo emhlabeni la kubonakala engathi incazelo ayikho, izenzo zokudla nokuphuza zisetshenziselwa ukukhombisa ngobufakazi ukuthi uNkulunkulu uhlose ukuthi ngisho nezinto ezisobala zempilo zibonwe njengezipho ezivela Kuye ezingamukelwa zithokozelwe ngokukholwa okukhulu.

Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu, ngokuba ngaphandle kwakhe, ngubani ongadla noma athokozena?

UMshumayeli 2:24-25

Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuthokoza nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila, futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.

UMshumayeli 3:12-13

Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho.

UMshumayeli 5:18

Ngakho-ke mina ngincoma ukuzijabulisa, ngokuba akukho okungcono kumuntu phansi komthunzi welanga, ngaphandle kokuba adle, aphuze, azijabulise, ngokuba lokhu kuyohlala kunaye emshikashikeni wokuphila kwakhe, ngezinsuku uNkulunkulu amuphe zona phansi komthunzi welanga.

UMshumayeli 8:15

Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.

UMshumayeli 9:7

U-Nkulunkulu wadala abantu ukuba babe yizidalwa ezidlayo. U-Nkulunkulu ukwenza kuphumelele ukuthi wena uthokozele isidlo esimnandi nesiphuzo esimnandi. Kuyisipho sikaNkulunkulu esinikezelwe kuwe ukuthi wena ukwazi ukudla futhi uphuze. U-Nkulunkulu uyavumelana nokuthi wena udle uphuze, futhi uyakugqugquzela ngisho ukukugqugquzela. Kuningi u-Nkulunkulu unokuningi angakusho ukukwenza ubone ukuthi ukudla nokuphuza kuyingxenye yecebo Lakhe ngempilo yakho. Ngisho kumbuso kaNkulunkulu ozayo, ukudla nokuphuza kuzoqhubeka kubekhona njengendlela yokubonakalisa inhlanganyelo nesibusiso okumangalisayo.(Lukha 22:30).

kanjalo-ke akuthusi ukuthola uJesu esebenzisa ukwesaba kwakho ukungabi nakudla kwisifundiso Sakhe ngokukhathazeka. U-Nkulunkulu ufuna wena ukuthi udle. U-Nkulunkulu ufuna wena ukuthi uphuze. Ungakhathazeki ngokokudla nokuphuza, uNkulunkulu nguyena ozokubhekelela lokho (Mathewu 6:31).

Ngakho-ke, kwisikhathi esilandelayo lapho uhlala phansi ukuba uzodla bese ulandela nanoma yimuphi umkhuba wokukholeka okungenzeka unawo, khumbula ukuthi ukudla nokuphuza isipho sikaNkulunkulu akunikezele sona- manje futhi nakwisikhathi esizayo!

Uma umuntu edla isinkwa aphuze amanzi ukwenzela udumo lukaNkulunkulu, laphoke angakwazi ukwenza zonke izinto ezenzela udumo lukaNkulunkulu

–Isuselwa ku 1 kwabaseKhorinte 10:31