Iyiphi indlela ekhombisa ukukhula kumoya osebenzisa ngayo amavesi owathandayo? Ngakube uba mdimimunye noquqaba olungakhulile kumoya noma uhlala nabavuthiwe ekudlinzeni kwakho nasekuphindaphindweni kwamavesi owathandayo?

Thatha kwabaseFiliphi 4:13 njengesibonelo

Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.

kwabaseFiliphi 4:13

Abangavuthiwe bakuthatha lokhu njengesithembiso. Isikhathi esiningi, liphindaphindwa ngaphambi kwesimo esihlukile kakhulu esithize. Kodwa, ngesikhathi uPawuli owayevuthiwe ngokomoya eloba lamazwi, wayenikezela ngobufakazi ngemuva kwezingqinamba zempilo yakhe ezijwayelekile. Impela lokhu kwaba nomthelela wokugcina umoya wakhe wehlile ngaso isikhathi sezimo ayebhekene nazo, kodwa kungadingeka ukuthi umuntu asebenze kanzima ukukwazi ukuguqula lamazwi awenze isithembiso; angubufakazi nje ngokusobala, ngeqiniso elizimelele kuNkulunkulu futhi elifakazelwa yilokho azizwele kona yena mathupha ngalo iqiniso ngoNkulunkulu. Lamavesi ayengalotshelwanga ukunikezela labo abangavuthiwe kumoya isithembiso abazosifunela sona, kunalokho alotshelwe ukukhulusa abangavuthiwe ukuthi bakwazi ukufunda kahle izimo abazithola bengaphansi kwazo.


Noma uthathe incwadi kaJeremiya 29:11

Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba.

Jeremiya 29:11

Nalapha futhi, abangavuthiwe yibo abaphuma phambili ekuzifuneleni isithembiso sesibusiso, futhi uma uthatha ukumbeka uyabona ukuthi kulelivesi kukhona okuthize ngekusasa elithembisayo. Kodwa futhi, lokhu akusisona isizathu sokuthi uNkulunkulu akhulume lamazwi, noma esokuthi uJeremiya ahpinde awadlulise lamazwi ngesiprofetho.

UJeremiya 29:11 yisiqiniseko sokuthi uNkulunkulu okuNguye ngalesosikhathi owayehlulela abantu Bakhe kanzima, wayesaNguye uSIMAKADE Ophendula okubi akwenze kube okuhle nokuthi ngokuqinisekile wayezobabuyisela endaweni yabo uma ukwahlulelwa sekwenzeke ngokuphelele. Abangavuthiwe basebenzisa lelivesi ukukhanukela impumelelo, kodwa uJeremiya yena owayevuthiwe wakhuluma lamazwi ukuze isizwe sikaIsrayeli singeke sikhohlwe ubuhle bukaNkulunkulu ngenkathi yalesisikhathi esidonsayo besekudingisweni.


Maningi amanye amavesi esingawengeza kuloluhlu olwakhiwe yilabo abangavuthiwe abahlose “ukuzifunela izithembiso” njengalo ivesi abalithandayo. Abavuthiwe kungenzeka nabo banohlu lwamavesi afanayo, kodwa ngokwezinhloso ezihloniphekile, ezikhombisa ukuvuthwa ngokukamoya, ezigcwele ukulangazelela ukukhonza.

Yimaphi amavesi owathandayo? Ngakube uthando lwakho lwalawomavesi likhombisa ukuvuthwa kumoya, noma nawe ujoyina umgqigqo walabo abangavuthiwe kumoya?

Abavuthiwe kumoya basebenzisa uMbhalo ukufakaza ngoNkulunkulu; abangavuthiwe basebenzisa uMbhalo ukuzakhela bona izethembiso.