Learning from difficult Old Testament books
Ithathela kwiTestamente Elidala, incwadi kwabaseKhorinte 10:11 ithi
Lezo zinto zenzeka kulabo ukuze zibe yisibonelo, ngokuba zilotshiwe ukusiyala thina, osekufike kithi izikhathi zokugcina.
Konke okuseMbhalweni kulungele uMkhrestu wonke (2 Timothewu 3:16-17). Kulula ukubona okuhambelana nathi kwizinceadi ezinjengaMahubo, kodwa kwizincwadi uHezekeli, uMalakhi, noDutheronomi akukho yini? Nasi isiqalo esincane sendlela ongafunda ngayo kwizincwadi ezinzima zeTestamente Elidala.
Zibuze imibuzo emithathu- lemibuzo ihambelana nakho konke ukutolika ngokweBhayibheli, kakhulukazi kuwusizo ekufundeni izingxenye ezithanda ukuba nzima.
Okokuqala, yini okwakuyichaza kubona?
Njengegxathi lokuqala, zama, ngokusemandleni, ukubeka eceleni zonke izambulo ezafika sekudlule isikhathi salowombhalo owufundayo, bese uchaza lokho lowo okhulumayo/ umbhali wayekudlulisa nokuthi labo abezwa/abafunda bakuqonda kanjani lokho ababekubhalelwa.
Okwesibili, Yikuphi osekushintshile kusuka ngalesosikhathi kuza manje?
Manje, qaphela ekubuzeni lowo mbuzo. Wuphendule ngokweBhayibheli, hhayi ngokwakho. Isibonelo: Siyingxenye yebandla, babeyingxenye kaIsrayeli. Ngaphezukwalokho sinolwazi ngoJesu ezincwadi ezikhuluma ngempilo kaJesu, bona babenalokho okwakubhaliwe ngalesosikhathi besekuba wumprofethi kaSIMAKADE wangalesosikhathi.
Okwesithathu, Singakwenza kanjani thina lokhu okushiwo umbhalo ngendlela yokuthi kuhambelane nathi kodwa kube kusashaya emhloleni nakulokho okwakumele bakwenze ngaso lesiyasikhathi?
Ngamanye amazwi, yini okwakumele bayenze bona esayiqiniso nakithina namhlanje?
Masifundeni kulona lonke iZwi likaNkulunkulu ( Izenzo 20:27)!
