Bible reading that produces growth

Isikhathi sakho wedwa ozakhele sona neZwi likaNkulunkulu sinjenganokuphefumula emphefumulweni. Sinikezela umsoco emphefumulweni, sibopha izinhliziyo zethu eziphukile, sibhidliza intando yethu enenkani, bese siletha ukukhanya emiqondweni yethu ( Amahubo 19).

Kodwa kwesinye isikhathi ukufunda isahluko esisodwa soMbhalo kungezwakala engathi njengengxenye engelutho osukwini lomuntu. Ukuphazimisa kwezinto zeZwe, ukukhathazeka okudlulele, noma ukungabi semandleni ngokukamoya lokhu kunganciphisa umdlandla wokukhonza kwesikhathi sansuku zonke noNkulunkulu. Siyabonga ukuthi iphutha alikho eZwini likaNkulunkulu ( Izaya 55:10-11), kodwa lokhu kuchaza ukuthi sekuyisikhathi sokuhlola indlela esenza ngayo isikhathi sesifundiso sethu sosuku.

Kwesinye isikhathi esikudingayo nje uhlu oluncane ukuba lusikhuthazele kwintobeko edingakalayo yokukhonza kweqiniso. Nakunoma yiyiphi incwadi yoMbhalo okungenzeka uyifunde, bheka ukuthi ungakwazi yini ukuphendula eminye yalemibuzo ukukugcina uhamba ngendlela ekahle nesifundo sakho sosuku.

  1. Ngakube likhona iQiniso okumele ulikholwe?
  2. Ngakube ukhona uMyalelo okumele uwuthobele?
  3. Ngakube sikhona iSithembiso okumele uthembele kusona?
  4. Ngakube sikhona isibonelo okumele usilandele?
  5. Ngakube sikhona isono okumele usigweme futhi/noma uphenduke kusona?

Yize noma lokhu kungekona ukufinyelela kwinjulo yencazelo yalawo mbhalo, kodwa ngokuqinisekile kuyasiza ukukunika indlela yokukwenza lokho okufundile. Kwangathi uNkulunkulu wethu wokuhlakanipha konke, angakwenza ukhule kulwazi lweNkosi yethu uJesu Khristu