Transforming Worldly Desires Into Will of God Desires
Izenzo zobuzwe zivamise ukuchazwa ngokohlu lwezenzo ezithile. Futhi impela wonke uMkhrestu angavuma ukuthi izenzo zobufebe, ukugwazela, ukuqamba amanga, ukubulala, nokunye okufana nalokhu akuzifanele izakhamizi zasezulwini ezisahamba kulomhlaba. Kodwa incazelo yezenzo zobuzwe ithe ukujula kunezenzo nje. Izenzo zobuzwe zichazwa ngokwezinkanuko, hhayi imizwa kuphela.
KuMakhu 4:19 yiminako yezwe evimbele labo abanobuzwe ekubeni nezithelo zikamoya.
KuThithu sikhuthazwa ngamandla ukuba sidele izinkanuko zenyama.
Ku 2 Phethro 1:4 kuyaphinda futhi yizinkanuko zenyama eziyinkinga yangempela kulomhlaba.
Ku 1 KaJohane 2:16 izenzo zobuzwe zibekwe ngokucacile bha,
Ngokuba konke okusezweni; inkanuko yemvelo yomuntu, inkanuko yamehlo, ukuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa ezweni.
1KaJohane2:16
Zontathu lezincazelo ezigoqa ndawonye wonke umqondo wezenzo zobuzwe zichazwe ngokwenkulumo echaza izinhloso ezingaphakathi enhlizweni, hhayi izenzo.
Yini isixazululo sezenzo zobuzwe? Yeka izenzo ezigcwele isono, impela, kodwa futhi guqula izinkanuko. Ubungcwele akusikona nje ukungabibikho kwezenzo zezwe, kodwa uguquko lwezinkanuko zezwe zibe izinkanuko zentando kaNkulunkulu. Ivesi elilandelayo ku 1 KaJohane 2 lisho lokhu:
Izwe liyadlula nenkanuko yalo. Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
1kaJohane2:17
NjengaMakhrestu siyazidela zonke izenzo eziyisono ezenziwa zivela kwizinkanuko zesono. Kodwa siyaqonda ukuthi ukuzithiba kwizenzo zenyama ngenkathi usanezinkanuko eziyisono nalokho akukho kuhle. Ithuna elicakwe kahle ngaphandle lisagcwele amathambo omuntu ofile ngaphakathi (Mathewu 23:27). Ubungcwele beqiniso buwukuzijwayeza ukwenza izenzo eziveza izinkanukongoNkulunkulu.
Ubungcwele beqiniso buwukuzijwayeza ukwenza izenzo eziveza izintsheseko ngoNkulunkulu.
