A better wisdom

Ngubani ohlakaniphileyo noqondayo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle ukuthi imisebenzi yakhe yenziwe ngobumnene bokuhlakanipha. Kepha uma ninomhawu onzima nobugovu ezinhliziyweni zenu, ningazigabisi, niqambe amanga nimelane neqiniso. Lokho kuhlakanipha akuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, okwemvelo nokwamadimoni, ngokuba lapho kukhona umhawu nobugovu, kukhona inxushunxushu nezenzo zonke ezimbi.Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa. Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula yilabo abenza ukuthula.

EkaJakobe 3:13-18

Emavesini ayisithupha nje uJakobe ushintsha umqondo wokuhlakanipha emqondweni waMakhrestu. UJakobe uhlakaza ukuqonda okunephutha nokulimazayo kokuhlakanipha kwalomhlaba endaweni yakho afake ukuqonda okucace nokusobala ngokuhlakanipha kweqiniso. Unika amakholwa inselelo ukuba balinganise izimpilo zabo nokuziphatha kwabo ngokuthobeka, ukuthula, ubuqotho, ubumsulwa, nokucabangisisa; hhayi ngezinto izwe elizitusayo nelizihoniphayo.

Njengamakholwa ngeke sivele sivume kalula, noma ‘sihambisane’ nendlela izwe eliziphatha ngayo. Sazi indlela engcono. Sazi ukuhlakanipha okungcono. Sazi uMthombo ongcono wokuhlakanipha.

Kunezinhlobo ezimbili kuphela sokuhlakanipha. Kukhona ukuhlakanipha komhlaba okunesilinganiso ngobubanzi bokuqonda, obunesiphelo ngokwemibono, futhi kusetshenziswa uSathane ukudukisa abaningi ngokuthi lempilo ingani. Lokuhlakanipha kuwumfuziselo obhedayo wokuhlakanipha kweqiniso njengalokhu kugxile ekuzibukeni wena bese kuba neziqhamu ezimbi kubantu.

Bese kuba khona ukukhlakanipha kwaphezulu, okuthenjiswe kubobonke abakucelayo ngokukholwa. Lokhukuhlakanipha kuwukuqonda okujulile okudingakalayo ukuba kuphokophelelwe ukuthula kubudlelwano obuphukile, ulwazi lokuthi ungawehlisa kanjani umoya lapho uhlokolozwa, intobeko yokuthi ucabangisise izinto ozithandayo, ukulunga bokuba nomusa kwabanye ngokomusa nawe owamukelisiwe uvela kuNkulunkulu, intshiseko yokwenza kahle ngazikhathi zonke, isihle sokukhombisa inhlonipho kubantu bonke, ukuthembeka okungashintshi okungenazo izinhloso zokuzicabangela wena.

Umuntu ohlakaniphile waziwa, hhayi ngamazwi nangezenzo kuphela, kodwa nangendlela intobeko yakhe eyiyo.