Omunye owayeyi-Puritan wabhala wathi “ Lowo owazi ukubaluleka okukhulu
kwegolide, uzolimba ezimayini” ( Thomas Watson, Godly Man’s Picture).
Okuyiko ayekuchaza ukuthi: “ Lowo owazi ukubaluleka okukhulu kukaNkulunkulu,
uzomba ngenhloso yokumthola eZwini”
Amahubo 63 akhuluma ngomqondo ohluzekile wokubona ukubaluleka okukhulu kukaNkulunkulu.
Engathi ungangakholwa kuphela yilokho uDavide akwenza, kodwa ukwazi ukusho u “Amen!”
ngokuphelele kuleliHubo.
UVesi 1- Umuntu onomqondo ohluzekile uyakuqonda ukukhathaza kwalomhlaba.
UVesi 2- Umuntu onomqondo ohluzekile uyabuthanda ubuhle nokufaneleka
kokubuka uNkulunkulu esebenza.
UVesi 3-4- Umuntu onomqondo ohluzekile wenza ukukholwa kube yiwona umsebenzi
oyingqikithi yempilo.
UVesi 5a- Umuntu onomqondo ohluzekile wondla umphefumulo wakhe ngendlela
ondla ngayo isisu sakhe- ukudla kohlobo oluphambili angakuthola.
UVesi 5b-6- Umuntu onomqondo ohluzekile ucabanga njalo ngoNkulunkulu,
ecabanga ngokujulile ngomsebenzi kaNkulunkulu empilweni yakhe, ekucabanga lokhu
ngokweQiniso likaNkulunkulu.
UVesi 7-8- Umuntu onomqondo ohluzekile
uyazi ukuthi Ukunakekela kuvela kuNkulunkulu nokuthi intokozo yeqiniso
nokuphumula kuza kuphela ngokukhonza kweqiniso.
Lamavesi ayishuminambili achaza umuntu onomqondo ongokweMibhalo; impilo Yakhe, ichazwa kakhulukazi ukukhonza.