Faith fighting fate

Iqiniso elisobala ngoNkulunkulu kumele kube, ngenxa nje yobuNkulunkulu bukaNkulunkulu, yiqiniso lokuthi uNkulunkulu Wengamele ngokuphelele zonke izinto.

Mhlawumbe okuyiyona indlela evelele kunazozonke yokuveza ukukholelwa kukwengamela zonke izinto kuka kuNkulunkulu iza kumakholwa ngesibonelo somprofethi uJeremiya. Funda Isililo isahluko 3 usebenzise lokhukuhleleka kwezigaba okungezansi bese ulingise ukukholwa kwakhe lapho ubhekene nenhlekelele.

vv. 1-18 Ukuba kwiNhlekelele!

vv. 19-36 Ukusebenzisa uKholo

Kwenzeka kanjani ukuba uJeremiya asuke kwisimo esidabula inhliziyo kabuhlungu kanje afinyelele ekusebenziseni ngokuqinile ukholo? Usebenzisa ingxenye le engezansi yalesisahluko ukusichazela.

vv. 37-39 Khumbula iQiniso likaNkulunkulu—kakhulukazi iqiniso ngokuthi uNgubani uNkulunkulu, nokuthi ngokuqhathaniswa thina singobani.

vv. 40-54 Phenduka kulolukholo lwakho oluncane kuleloQiniso, usenza njalo, phenduka nakulowo mbono wakho onomkhawulo! UNkulunkulu wengamele izinto zonke, wena awunjalo nakancane!

vv. 55-66 Themba ngesibindi kuNkulunkulu. Thokozela iqiniso lokuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ulawula izinto zonke—zesikhathi esedlule, isikhathi samanje, nezesikhathi esizayo.

Isililo isahluko 3 yindlela ekhombisa ukuthi ukukholelwa kuNkulunkulu owengamele izinto zonke kunqoba indlela yokucabanga kwabantu eyiyenkolelo ze ethi ‘okwenzekile kufana nokudaliwe’.