Ukukhonza: Ilungelo lekhethelo lalabo abalela ngokuthobeka

Worship: the Privilege of the Obedient

Isoni esidlulele singeza ensindisweni, ngoba insindiso ayizi ngemisebenzi, kodwa iza ngomusa ochuchimayo kaNkulnkulu. Isoni esidlulele singasindiswa, kodwa ke lesosoni esidlulele sizothobeka ngokulalela, bese-ke ngakho ukuthobeka ngokulalela samukeleke ekukhonzeni uNkulunkulu okuphelele.

Simakade, ngubani oyakuhlala ethendeni lakho na? Ngubani oyakukwakha entabeni yakho engcwele na? 2Yilowo onkambo yakhe ingenasici, futhi owenza ukulunga,okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe;

IHubo 15:1-2

NjengakwiSidlo seNkosi ( 1 KwabaseKhorinte 11:28), simelwe sizihlole uqobolwethu lapho sikhonza iNkosi. Kuphela kungobulula bukanembeza ohlanzekile kanye nempilo elungile lapho singakwazi ukukhonza uNkulunkulu ngeqiniso. Lapho singacula ngesibindi ngaphandle wonke amaculo ngaphandle kokushaywa wuvalo lapho sicula umusho owodwa noma ababili abahlaba inhliziyo, lapho-ke singananela ngo”Amen” emiphefumulweni yethu kuyona yonke imikhuleko ekhulekwa ngokuhlanganyela, lapho singakwazi ukuthobela ukufundwa nokushunyayelwa kweZwi likaNkulunkulu ngentokozo nangokulamba kwalowo ngempela othanda iNkosi ngayoyonke inhliziyo yakhe, umphefumulo wakhe, ingqondo yakhe namandla akhe.

Lapho ukulalela kwethu kuhlanzeka kakhulu, nokukhonza kwethu kuhlanzeka kakhulu. Lapho ukulunga kwethu sekupheleliswa ezulwini, khona nokukhonza kwethu kuyokwenziwa kuphelele.

Noma isoni, ngomusa kaNkulunkulu, singaba umkhonzi. Kodwa ukukhonza okuqhubekayo, kwansuku zonke, okudlondlobalayo kuyilungelo lekhethelo lalabo abalalela ngokuthobeka.

Scroll to Top