Ezinye zezinto ezinganakwa kakhulu, kodwa ezinomthelela ojulile, kakhulukazi ngokuhamba kwesikhathi, kumsebenzi wenkonzo wabanye abefundisi kube yimikhuleko yasesidlangalaleni ngezikhathi zokukhonza. Lokhu kubonisa ngobufakazi ifa lokubaluleka komkhuleko wasesidlangalaleni empilweni yamakholwa. Incwadi yamaHubo yindlela yeBhayibheli yokwakha isibonelo sesidingo somkhuleko wasesidlangalaleni kulabo abawezwayo ( noma abawafundayo,noma  abawaculayo). Incwadi yamaPuritan iValley of Vision ( Isigodi Semibono) isibe yingxenye ethakaselwayo yokukhonza kwangasese kwemikhuleko eqoshwe khona kuyona ngabefundisi besikhathi esedlule. Okuyisibonelo sakulesisikhathi kwalokho okufanayo imikhuleko yasesidlangalaleni eqoqwendawonye kaJohn MacArthur kwi At the Throne of Grace ( Esihlwalweni soMusa). Lokho lezizinsiza zonke ezikukhombisayo ekukhonzeni ukufaneleka kwizikhathi zonke kwaloluhlobo lwemikhuleko eyangokoMbhalo. Ingenqunyelwe isikhathi. Imikhuleko emaHutsheni, kwiValley of Visions, nakwi At the Throne of Grace yonke yakhulekwa kanye vo ngumuntu oyedwa vo, kodwa noma kunjalo, yize noma isuselwe kwiMibhalo ethile, asikho isikhathi lapho ingafanelekile khona ekukhonzeni kwyo amakholwa eqiniso.
Ngaphandle kokufunda kwimikhuleko yasesidlangalaleni eqoshwe kulena ebuthelwe ndawonye, ngaphandle kokufunda kwimikhuleko yasesidlangalaleni yezinkonzo nemihlangano yasebandleni lakho, ungamukhonza uNkulunkulu ngemikhuleko yakho ngendlela esezingeni eliphakeme ngokuthi ukhuleke iBhayibheli. Funda isahluko soMbhalo, bese uma uhlangabezana neqiniso ngoNkulunkulu, liphendule ulenze into eyisizathu sokuthi udumise. Uma ufunda umyalelo, cela umusa wokuthi uwulale. Uma ubona ukusolwa ( ukuthethiswa), phenduka ucele ukuxolelwa. Uma ubona okukhuthazayo, mubonge uNkulunkulu.
Nasi isibonelo esisuka kwincwadi ekaJakobe 1:12-15
Ngiyakubonga Nkulunkulu ngokuba nguNkulunkulu wesibusiso. Impilo yami ngokuvamile igcwele izinhlupheko nokulingwa, ngiyadinga kakhulu ukuba ngifunde ukunganyakaziseki. Ngiyakubonga ngokuthi awungilahli lapho ngibuthakathaka, kodwa kunalokho unikezela isibusiso.
Isibusiso esikhulu kakhulu kuwe engisilangazelele umqhele wokuphila. Uwuthembisile kubona bonke abakuthandayo, ngakho ke kungokwethemba okukhulu ngilangazelela lesosibusiso. Ngakho ngisize ngime nginganyakaziswa kuzona zonke izikhathi ezinzima kulokhu kuphila.
Nkulunkulu, umuhle, futhi umuhle kuphela, futhi abukaze bakhona ububi obusuka kuwe. Kwaze kwayiqiniso elimangalisayo kimina lokhu lapho isono nobubi sekuyisijwayezi kulomhlaba, futhi Nkulunkulu, ngiyavuma, lokhu kuvamile nakweyami impilo. Engathi ngingangalinge ngisole wena ngesono sami, kodwa ngihlezi ngisivuma isono sami njengesiqhamuka kweyami inhliziyo. Ngicela ungigcine ngishesha ukuzwela umuzwa wonke okimi ongidonsela kude nawe nalowo ongiyisa ekulingweni ukuba ngone. Ngicela unginike ukubona okubanzi kweyami inhliziyo ukuba ngibulale isono kusekude ukuba sizibonakalise sona ngokwezwi engiliphimisayo eliyisono nesenzo esiyisono.
Nkulunkulu ngiyazi ukuba isono siholelana ekufeni nokuthi ukulahlwa inginaphakade lonke yisono isijeziso esifanele isono sami. Kwangathi lololwazi lungangisiza ukuqonda isono sami kangcono, ngiqonde lokho okuwumkhuba oyisijwayezi wesilingo kangcono, futhi ngiqonde nalokho okuyizimfuni engizilindele kulempilo kangcono. Kukona konke lokhu, ngicela ungisize ngiqonde umehluko omkhulu phakathi kwesithelo sesono, okungukufa, nesibusiso sokunganyakaziswa, okungumqhele wokuphila.
Ngiyabonga ukuthi kuwe abukho ububi, nokuthi asikho isilingo sami esivela kuwe. Kunalokho, kuwe kuvela okuhle kodwa. Ngicela ungixolele izinkanuko zamo eziyisono nezenzo zami eziyisono. Ngiyakubonga ngesibusiso sakho esichichimayo esingilendele lapho ukulwa nesono sekuphelile.Amen.