Praying Through the Scriptures
Umkhuleko akuyona inkulumo obanayo ngawedwana yokuzisiza wena ukuzenza uzizwe ukhulile ngokukamoya. Kunalokho, umkhuleko yingxox phakathi kwakho nosezindaweni zonke uNkulunkulu wezulu nomhlaba. Okubaluleke kakhulu ngalengxoxo wukuthi yingxoxo eqalwe nguNkulunkulu, hhayi thina. Kuyiqiniso ukuthi sikhuluma noNkulunkulu emkhulekweni futhi Yena uyasizwa bese esiphendula (funda nje incwadi 1 Amakhosi 18 ukubona lokho). Kodwa-ke , imikhuleko yethu awasona isiqalo salengxoxo nanini. Siyakhuleka, ngoba sizwe uNkulunkulu ekhuluma nathi eZwini Lakhe. Uzambulile qobo Lwakhe kithina, ngakho sidumisa Yena emkhulekweni. Usinikezele imiyalelo, ngakho sivuma izono zeth Kuyena. Usithembise umusa, ukunakekela, nokuhlinzekela, ngakho siletha izicelo zethu kuYena emkhulekweni. Sikhuluma noNkulunkulu ngoba Yena ukhulume kithina.
Nakuke umhlahlandlela yokukhuleka. Funda iseqephu seZwi likaNkulunkulu, bese
- Mudumise ngenxa yaleyonkulumo,
- vuma ukungaleli ngokuthobeka imiyalelo,
- cela umusa wokulalela ngentobeko imiyalalelo,
- nxusa ukuba ube nomqondo owenziwe musha ohambelana nemigomo nokuqonda okucacile,
- Mubonge ngezipho Zakhe,
- Mucele ukufekezekiswa kwezithembiso.
Nasi isibonelo.
Ngakho-ke uma navuswa kanye noKhristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKhristu, ehleli ngakwesokunene sikaNkulunkulu; nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni. Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihlwe noKhristu kuNkulunkulu, nxa ebonakaliswa uKhristu ongukuphila kwethu, nani-ke niyakubonakaliswa kanye naye enkazimulweni.
KwabaseKholose3:1-4
“Baba wethu oseZulwini, ngiyakubonga ngokuvusa kanye noKhristu nokuthi ungangiyekeleli ezonweni zamo. Ngiyacela ungisize ukufuna izinto zalapho uKhristu ekhona– b’khoma ebukhoneni Bakho. Ngisize ngigxilise umqondo wami ukuze uthi ukukhula ekubeni nokucabanga nokwasezulwini bese kunciphe ukukhungathwa yizinto zakulomhlaba. Lungisa ukucabanga kwami ukuba ngizibone uqobolwami ngifile maqondana nalomhla, ngingiphilayo kuKhristu. Ngiyakubonga ngethemba enginalo ekubuyeni kukaJesu. Ngiyabonga ukuthi lapho-ke ngiyakubaNaye enkazimulweni. Amen.”
