Relief during Distress
Ekucindezelweni wangenzela indawo ebanzi;
yiba nomusa kimi,
uzwe umkhuleko wami.
Ihubo4:1
Angithi lobu wubufakazi nesicelo sekholwa ngalinye? UNkulunkulu wasinikezela ukukhululeka lapho sasingaphansi kwengcindezi, kodwa sisaqhubeka nokuyicela indlebe Yakhe elalelayo nomusa Wakhe onakekelayo.
Ngisho ngabe ukuba ngaphansi kwengcindezi kuyinto eqhubekayo, sisathola ukukhululwa okuningi kuNkulunkulu wethu. Usahlukanisele kuQobolwakhe futhi uyasizwa uma sikhuleka (Ihubo 4:3). Akukhathaleki ukuthi iyini ingcindezi esibhekene nayo, sisangamkhonza uNkulunkulu ngendlela efanele futhi simethembe Yena (Ihubo 4:5). Abanye kungenzeka abekho ngaphansi kwengcindezi futhi banezinto ngobuningi bazo, kodwa kuNkulunkulu sinentokozo engaphezulu kwengcebo yabo, futhi silala kangcono kunabo ngoba uNkulunkulu wethu unendaba nathi (Ihubo 4:7-8).
Abakholwayo abahlupheki ngabodwa buthule ngoba bayakhala becela ukukhululwa kuNkulunkulu Owenza ngokuvelele ekubanikezeleni intokozo nobuthongo obumnandi basebusuku.