Stirring Each Other Up
Kusukela ngesikhathi “somkhuthazi” onobusathane eNsimini yaseEdeni, abantu baqhubeka nekhono lokukhuthazana. Njengezingane, ngokududana, sasikhuthazana ekugangeni; ngokudelelana sasikhuthazana ukuba sithukuthelelane. Uma silokhu sikhula ngokwesiqu somzimba, saqhubeka nayo leyondlela “yokukhuthazana” yobungane, kodwa manje sesikhuthazana ngokufisa esikwenza ngezimpahla ukuba omunye naye afise ukuthi abe nayo, ngokunganeliseki esikwenza ngokukhononda okubhekiswe kwizimo zezepolitiki, ngokuthukuthela esikwenza ngemibono yethu yokuzicabangela thina, kanye nangokuzibona sifanelwe okuthize sisebinzisa amalungelo- nginesiqiniseko ukuthi kuningi okunye esingakwengeza okuyizindlela esiveza ngazo ukukhuthazana nsuku zonke. Sisebenzisa amagama ukukhuthazana. Kwesinye isikhathi siyawamemeza lawo magama, kwesinye isikhathi siyawashwashwatha, siyakhuthazana ngamagama esiwabhala kwizinkundla zokuxhumana, nakuma-blog ukuba abonwe yiningi esidlangalaleni. Njengalokhu uJakobe, umfowabo weNkosi yethu, afakaza, ulimi lethu lungububi obungaphumuli (ekaJakobe 3:8); umlilo omncanyana ozigqaja ngezinto ezinkulu (ekaJakobe 3:5). Singabakhuthazi, ngendlela embi, ngamagama esiwasebenzisayo nsuku zonke.
Kwake kwabakhona indoda eyyisifunde ukuphendula lomkhuba “wokukhuthazana” kabi yawenza isimilo esihle kakhulu. Yayiphila phakathi kwabantu ababenizimvo nemibono okushayisanayo kwizinto ezaziphathelene nezenkolo. Abaningi babo babe “ngabakhuthazi”, ngokwenhloso beqhakambisa ezabo izincazelo zezinto kanye neyabo imikhuba yokwenza izinto, bedala ukubakhona ngokudideka kwabaningi, kodwa bekhuthaza ukuzethemba kuqobolwabo. Lendoda, eyayiphiwe kahle kakhulu kwinkolo yabo, yayazi kangcono kunabobonke behlanganisiwe. Ilangazelele ukuba “labakhuthazi” ukuba amakhono abo okukhuthaza abawasebenzisa kabi bawasebenzisele into engcono, yaqopha uhhide lwemiyalezo eyenga ukukhuthazana kahle ukuze bezijwayela ukuyisebenzisa komunye nomunye. Uma isentshenzisiwe, lemiyalezo eyenga ukukhuthazana kahle yayizoshintshela imiqondo yabo bonke kulokho okusemqoka futhi ikhuthaze ubunye eqinisweni nobunye othandweni. Babesazoqhubeka babe ngabakhuthazi, kodwa manje abakhuthazi balokho okuhle. Igama lalendoda asizange sililotshelwe, kodwa imiyalezo yayo eyenga ukukhuthaza okuhle kulabayabantu ilotshiwe eZwini likaNkulunkulu ilotshelwe izikhathi zonke.
Umyalezo okhuthazayo wakhe wokuqala wawu wubizo kulabantu ukuba babumbane kubuqotho bokholo lwabo. Abaningi balabakhuthazi babegxilile kakhulu kwinkolo, kodwa babengakaze bezaNkulunkulu ukuba bahlanzwe ngokomoya. Isiqiniseko sabo sensindiso sasincike kwimikhuba yenkolo yabo esikhundleni sokuhlanzeka kwemiphefumulo yabo. Ngakho-ke lendoda yabakhuthaza, okokuqala, ukuba basondele kuNkulunkulu ngenhliziyo eqinisileyo elangazelele inhlanzeko yeqiniso.
Ngakho-ke bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu, ngendlela entsha nephilayo asivulela yona, edabula isihenqo, okungukuthi umzimba wakhe, njengokuba sinomphristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu,masisondelengenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.
KumaHebheru10:19-22
Ukube ngamunye wabo wayezothobeka kuNkulunkulu ukuze bahlanzwe ngoJesu Khristu, lapho-ke umyalezo oyengayo wesibili wawubalindele. Kanga-ngokuba ubuqotho bokholo lweqiniso kwakuzobe kuphazamise ifa lamasikompilo nemikhuba yenkolo yabo, umyalezo oyengayo wawuzobakhela ngokuqinile eqinisweni—ngokuqinile ngaphezu kwalokho okwakwenziwe amasikompilo abo. Lendoda yayimqonda uNkulunkulu ukuthi usebenza kanjani, futhi ngemuva kokuthi esekhutthaze labantu ukubeka ukholo lwabo kumsebenzi kaJesu, yabe isibakhuthaza ukubambelela ngokuqinile eQinisweni elisekeleke kuLowo oyiqiniso ngokunga-thandabuzeki.
Masibambisise isivumosethemba lethu; singantengantengi, ngokuba uthembekile lowo owethembisayo
KumaHebheru10:23
Okokugcina, ngokusebenzisa ikhono lokukhuthaza lababantu, lendoda yanezelela owesithathu umyalezo oyengayo. Ngo “Masi” wesithathu, lendoda yakhuthaza labantu ukuba, bona qobolwabo, babe ngabakhuthazi abangcono. Kunokuthi basebenzi ukukwazi ukukhuthaza ukuba bazikhuthazele ukuba babe nempakamo nokukhuthaza abanye ukuba bathukuthele, babenomona, nokudideka, lendoda yabayengela ukuba bathande, yaba yenga ukuba basungule izindlela abangenza ngayo okuhle kwabanye.
‘Masinakekelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle. ‘
Ngalenkulumo esiyaleza kathathu ukuba “Masi”, umbhali wencwadi kumaHebheru wayeyenga abantu 1) Ukubeka ithemba labo kuJesu, 2) benze iZwi likaNkulunkulu isivumo sabo, bese 3) bathandane futhi benze okuhle. Lamavesi asihlokolozela ukuba kubekhona esikwenzayo. Asiyengela kude nendlela esijwayele ukwenza ngayo izinto. Ayawuphazamisa umkhuba wethu wokukhononda. Afaka kithina umqondo wokukholwa ngokuqinisekile, wokubamba iqhaza, kanye nokukhuthazela ngetshiseko. Njengane nenhlangano evukela umbuso, lemiyalezo ikhuthaza omunye nomunye wethu ukuba sibengamakhuthazi kwathina qobolwethu.
Ngokungafani nama-group kaWhatsApp noFacebook asemphakathini wakho, ngokungafani namaphephandaba nemibukiso enedumela ngalesosikhathi, ngokungafani nenhliziyo yakho ehlose ukona nabangani bakho balelizwe, omunye nomunye wethu njengoMkhrestu kumele azithibe ekusebenziseni amagama ngokujwayelike asetshenziselwa ukucasula, inzondo, ukukhononda, nokunganeliseki. Kunalokho, “Masi” -be ngamakhuthazi abangcono. Asikhuthaze abanye ukuba bacele uNkulunkulu ukuba ahlanze unembeza wabo; masikhuthazane ukubambisisa iqiniso ngoNkulunkulu; masikhuthazathane ukukhombisa uthando nobuhle kubobonke.
Masibe ngabakhuthazi abangaMakhrestu.
