ITestamende Elidala yinto okunzima ukuyiqonda kuMkrestu ngokujwayelekile. Ukuvinyelela ekwazini izikhathi zokulandelana kwezincwadi zeTestamente Elidala yisona isixazululo.
UGenesisi neIDutherenomi, kulandele uJoshuwa, Abahluleli noRuthi zonke lezi zisobala. Ekupheleni kuka-1 Samuweli kusuke kusalandela eziningi, kodwa bese kuqala ukudideka. Kukhona ukuqoshwa okungaphezulu kokukodwa okuqondene nazozonke ezinye izinto ezenzeka kwiTestamente Elidala. IZikhronike 1&2 uma uzifunda zizwakala zihlukile ku-2 Samuweli naku 1&2 Amakhosi, kodwa kubukeka engathi lokhu kwenzeka ngezikhathi ezifanayo. Uma usuqede u-2 IZikhronike, uthi uyabheka usasalelwe yindima engaphezu kwengxenye yeTestamente Elidala! uEzra, Nehemiya no Esteri lezizincwadi zibukeka zithe ukuchezuka kuyona yonke into oyufundile ngaphambili, ingena kuphi incwadi kaJobe kukona konke lokhu, AMahubo nazo zonke ezinye zabaphrofethi?
Kuyabongeka ukuthi impendulo ithanda ukuba sobala. Nansi indlela elula yokulandelana kwezikhathi zonke zeTestamente Elidala. Konke okunye kwiTestamente Elidala okungekho kuloluhlu, kungena phakathi naphakathi kwezinye zezinto kulona loluhlu.
UGenesisi ukususela kusuku lokuqala Lokudalwa kuya ekukhuleni kwesize sakwa-Isirayeli e-Gibhithe (uJobe kunokwenzeka wenzeka phakathi kuka Genesisi 11 no 12)
IEksodusi kuya kwi-IDutheronomi kulandela ezithendeni zika-Genesisi lapho isizwe sika-Isirayeli zikhishwa e-Gibhithe siyiswa EZweni LeSithembiso.
UJoshuwa naBehluleli baphatheleni nesigaba esingasekuqaleni sokungena EZweni LeSithembiso nangezizukulwane zika-Isirayeli EZweni. ( URuthi ungena ezikhathini Zabehluleli)
U-1 Samuweli umayelana noMahluleli wokugcina (USamuweli) kanye neNkosi yokuqala (USawule).
U-2 Samuweli umayelana neNkosi yesibili yakwa-Isirayeli (INkosi uDavide) ihambisana no 1 IZikhronike.
1 & 2 Amakhosi amayelana nokulandelana kwamakhosi akwaIsirayeli, okuhambe kwabakhona ukuhlukana kwavela uIsirayeli noJudah, zombili lezizwe zigcina ziphumile EZweni zaba emazweni ezinye izizwe. Lokhu kuhambisana no-2 IZikhronike kulandelwa ukwenzeka kwempilo kaDaniyeli ngasekugcineni.
Bese-ke, sibuyela EZweni LeSithembiso, sifunda ngoEZra (UEsteri wenzeka phakathi kukaEzra 6 no 7) bese kulandela u-Nehemiya.
Umlando weTestamente Elidala ufinyelela kwisiphetho. Usobala kakhulu.
Wonke Amahubo, IZaga nazo zonke izincwadi ezinikezela UBuhlakani, kanye nabobonke abaProfethi, konke lokhu kwenzeka ngezikhathi zika-1 Samuweli kuya kuNehemiya ( Amahubo amabili amathathu enzeka ngesikhathi sikaMose, ngenxa yokuthi kuhlezi kukhona into ethe ukuchezuka kuyona yonke into ejwayelekile angithi?
Uma ufunda iTestamante Elidala, zama ukuzifaka kwinkathi efanele. Zonke izincwadi ziyakunika lezozimpawu, ngisho incwadi ngokungokwayo ingabhaliwe ngangokulandelana kwezikhathi. Kwikhasi lethu leZinsiza ungathola iplani yokufunda iBhayibheli eveza ukulandelana komlando phakathi kwe Testamente Elidala kanye neTestamente Elisha.