The practice of spiritual warfare
Ivesi elisetshenziswa kakhulu abazalwane ngempi kamoya (kwabas-Efesu 6:10-20), uNkulunkulu uhlomisa bonke abazalwane ukuze balungele impi kamoya. Kodwa amavesi amathathu okugcina asinikeza izinsiza empini yethu nemimoya.
Kwabase-Efesu 6:18 uyivala yonke lenkulumo ngokuthi “nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya”. Noma ungazazi zonke izikhali zikaNkulunkulu, kodwa zisebenzela labo abancike ngomkhuleko kuNkulunkulu ukuthi uyena ozobasiza. Lemikhuleko kufanele iqhubeke njalo, ibe nethemba nokubekezela. Imikhuleko enjalo akufanele ukuthi ibe kuphela eyokuhloma izikhali, kodwa kufanele futhi ibe ngeyokunxusela abanye abazalwane ukuthi nabo bazisebenzise lezi zikhali.
Kwabase-Efesu 6:19 uyanezelela emikhulekweni yethu isidingo sokuthi kucace konke esikukholwayo. Njengalokhu impi kamoya yamphostoli uPawulu yayihlobene nokutshalwa kwamabandla kanye nokuhambisa ivangeli, impi yakhe enkulu kamoya ibonakala kungukuqondisa kahle ivangeli nayo yonke imininingwane yemfihlakalo yalo. Nathi kufanele silazi iqiniso uma sifisa ukumelana noSathane. Kufanele sikuqonde okushiwo imibhalo, futhi kufanele sikwazi ukuchaza yonke imininingwane yakho. Lokhu kubiza ukuthi sibe nolwazi olucacile kanye nolunembayo ngoNkulunkulu.
Kwabase-Efesu 6:20 uvala lendawana yempi kamoya ngokusimemela ekulaleleni nasekuthobeni ngesibindi. Umphostoli uPawulu wayethunywe ukuba ashumayele, nathi sibizelwe ukulalela okushiwo uJesu kuzona zonke izinsuku zokuphila kwethu. Lokhu singakwazi ukukwenza kalula. Sima ngamandla kaMoya empini kamoya uma silalela uNkulunkulu, sinokwethemba emiyalweni yakhe, simi isibindi. Ukulalela ngesibindi ngokuba sazi imiyalo yakhe, kuyimpumelelo eqinisekile empini kamoya. Asikwazi ukucabanga ukuthi sizoma siqine uma sizinikela ekulingweni.
Wonke umzalwane uyiqhawe lakwamoya, elembathiswe nguNkulunkulu ukuze likwazi ukuma liqine ekukholweni naphambi kukaSathane. Asizigabisi ngamandla ethu akamoya, kodwa sincenga iNkosi ukuba uMoya wayo usigcine siqaphile. Siyakwazi esikukholwayo, futhi siyazinikela ukulalela iNkosi empilweni yobuzalwane esibizele kuyona. Ngakho simi siqinile, futhi sizoqhubeka sibekezele kuze kube isibizela ekhaya.