Fixing all the problems of this world
Angeke ukwazi ukulungisa zonke izinkinga zalomhlaba, kodwa ungazilungisa zonke izinkinga zalomhlaba ezizivezayo kuwena kulokho okholelwa kukho ngesiqiniseko, izinto okholelwa kuzo empilweni, imicabango, izenzo kanye namazwi.
Umhlaba unenkinga enkulu yokuzijabulisa, kodwa ungakwazi ukugcina ibhalansi yokuthokoza okunobunkulunkulu nokuphumula ( UMshumayeli 2:24-25).
Umhlaba unenkinga enkulu yokukhiqiza ngaphansi kokulindelekile okungumthelela wobuvila kanye nokukhiqiza ngaphansi kokulindelekile ngenxa yokugqilazwa wumsebenzi, kodwa ungakwazi ukuthola ibhalansi yokusebenza ngobunkulunkulu ( 1 kwabaseThesalonika 4:11-12).
Umhlaba unenkinga enkulu ngokungabibikho kobulungiswa nokubakhona kwezinkinga, kodwa ungamthanda umakhelwane wakho ( Lukha 10:30-37).
Umhlaba unenkinga enkulu ngomshado nokuthanda ucansi, kodwa ungakwazi ukuveza ukuhlonipheka komshado nokulunga kocansi ( Hebheru 13:4)
Umhlaba unenkinga enkulu nengcebo/ inhlupheko kanye nezinto, kodwa ungaba ngowanelisekile nangaphansi kwanoma yisiphi isimo ( Filiphi 4:12-13)
Unganezezela nanoma iyiphi enye inkinga enkulu ehlezi iyingxenye yalomhlaba, bese uzothola indlela yokubhekana nakho yoBukhrestu enhle enobunkulunkulu uyithola kwiMibhalo. Umhlaba okuwona ungagcwala izinkinga, kodwa indawo yakho kulomhlaba ingakuveza ukuthi impendulo enikezelwa nguNkulunkulu ihlezi izosebenza. Ngakho ungacabangi futhi ungaziphathisi okwalelizwe, kodwa kunalokho veza ngobufakazi ukuthi iyini intando kaNkulunkulu nokuthi ngempela iyawenza umehluko ( kwabaseRoma 12:2).