Not afraid of anything frightening
Ezinye zezimo ezithusayo kakhulu empilweni yileyo kankosikazi owesaba uNkulunkulu onomyeni ongamesabi uNkulunkulu. Ngokungamangazi, yisona ngqo lesisimo lapho iNkosi isinikezela amazwi aduduzayo kakhulu. Incwadi 1 kaPhethro 3:1 ibalula isimo sowesifazane owesaba uNkulunkulu oshade nendoda engamesabi uNkulunkulu. Ku- 1 kaPhethro 3:6 abesifazane abakanjalo bakhuthazwa ngokuthi bayingxenye yohlobo luka-Sara, unkosikazi kaAbrahama uma…
…benza okuhle futhi bengasabi lutho olusabekayo.
Njengokwesaba kwentombazanyana encane kuyashabalala lapho ubaba wayo eseduzane, kanjalo nokwesaba kwawo wonke owesifazane ongcwele kuyashabalala lapho uBaba wakhe wasezulwini eseduzane, ngisho noma umyeni wakhe engenzi lutho olulungile.
Lokhu kuyinduduzo enkulu kakhulu yanoma yisiphi isimo esisabekayo. Incwadi yeZaga iyayiphinda lenduduzo yezikhathi ezisabekayo ngalamazwi:
Awuyukwesaba inhlekelele ezumayo,
nokubhujiswa okulethwa yizikhohlakali,
ngokuba uSimakade uyakuba seduze nawe,
agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.
IZaga 3:25-26
Lapho ukuphila kugcwele izinhlekelele ezingase zenzeke, ukulahlekelwa nobunzima, senzani? “Senza okuhle futhi singesabi lutho olwesabisayo,” “ngokuba uSimakade uyoba yithemba lakho, agcine unyawo lwakho lungabanjwa.”
