Ukungena, nokuphuma, enkingeni

Getting in, and out, of trouble

UNkulunkulu wadala umhlaba wabamuhle kakhulu. Ensimini yaseEdeni ayikho into eyayingalungile futhi ingekho into embi. Akekho owayona, okekho owayebhekana nenhlupheko, akekho owayezwa ubuhlungu, akekho owayezoda. Alukho uhlobo lwenkinga olwalukhona. Kungubufakazi obusabala ukuthi yonke onto enhle emhlabeni ivela kuNkulunkulu omuhle kakhulu ( Ihubo 119:68).

Kwaseke, ngeqiniso eliyingxenye elinezithembiso ezingekho loMlingi, uEva kwasekuba uAdamu abalalelanga uNkulunkulu, kusuka lapho umhlaba owawumuhle kakhulu wabe usuba mubi kakhulu. Manje yonke into isinindwe yisono. Siyona, nabanye bayona. Siyahlupheka, nabanye bayahlupheka.Impilo yansuku zonke isingubufakazi obusobala bokuthi yonke into embi kulempilo ingenxa yokonakalal kwabantu (kwabaseRoma 5:12).

Akusiyona imfihlo ukuthi okuyiyona kuphela indlela yokungena enkingeni ukwenza isono—isono sakho, noma isono sabanye. Intukuthelo, umhobholo, ukugqumelana,imicabango emibi, ukuzibabukela, ukungakholwa, ukungalaleli, inzondo nokunye okufuze lokho yizona zonke izindlela zokungena ezinkingeni ezinhlobonhlobo. Isono yindlela yokungena kuzona zonke izinkinga.

Njengakokhu isino kuyiyo kuphela indlela yokungena enkingeni, indlela yokuphuma kuzona zonke izinkinga ithanda ukuba sobala—ukuphenduka kube ngukuxolelwa kwezono. Lapho ngisho noma abanye besona benza zonke izinkinga ezinhlobonhlobo, kuba ngcono ngoba thina asengezi ezethu izindunduma zenkinga kwizimpilo zethu ezinindwe isono. Ngokudabukisayo, kukancane sincabange “ukuphenduka ukuze sixolelwe izono” njengendlela yokuphuma enkingeni. Kunalokho, kwinkinga yabanye ebangele isono nathi qobolwethu siphendula ngendlela ebangela isono. Phezu kwalokho,narhi ngokwethu sinezezela ngezinye izono. Akungamazi-ke ukuthi kungani sibhekana nezinkinga ezingaka kulokhu kuphila.

Indlela yokuphuma enkingeni ukuphenduka kube ngukuxolelwa kwezono.

Kepha uma sivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

1 ekaJohane 1:9

Yiba nomkhuba wokuqhubekela ezonweni, uzohlezi uziphendlela indlela yokungena enkingeni. Yiba kumkhuba wokuvuma isono, uNkulunkulu uzohlezi ekuphendlela indlela yokuphuma enkingeni. Uzokuhlanza kuzona zonke izono zakho, futhi Uzophinde akunike amandla okubekezelela izinkinga ezibangelwe izono zabanye ( 1 kwabaseKhorinte 10:13).

Scroll to Top